UKHOMISHANA we-IEC, uMnuz Glen Mashinini, ukhale ngokuchukuluzana nokungabekezelelani kwabamaqembu ezepolitiki ezikhungweni zokuvota
Image: Sigciniwe
INHLANGANO eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ikhathazekile ngokugcweleza kwamalungu amaqembu ezepolitiki ezikhungweni zokuvota uma kunokhetho KwaZulu-Natal.
UKhomishana we-IEC, uMnuz Glen Mashinini, uthe kumele isukunyelwe eyokuchukuluzana kwamalungu ezinhlangano zepolitiki uma KwaZulu-Natal.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esiShayamthetho sesifundazwe lapho khona i-IEC ibichaza ngamalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
UMashinini uthe ukuchukuluzana kwamalungu amaqembu ezepolitiki kwenzeka kakhulu ngaphandle kwezikhungo lapho khona amaqembu ezepolitiki esuke ebeke khona amatafula namatende amancane.
"Ngifuna ukusho ukuthi sikhathazekile ngokuziphatha kwamalungu amaqembu. Kade ngingakithi oSizweni, ngithi angikusho ukuthi engikubone khona kungishaqisile. Amatafula asinikeza inkinga."
UMashinini uthe abaholi kufanele bayisukumele eyokuchukuluzana kwamalungu amaqembu.
"Kufanele sizame ukusigwema lesi simo. Asingalindi kuze konakale kuze kube ima sisukuma."
Isikhulu esiphezulu kwi-IEC, uMnuz Sy Mamabolo, sithe bayaqhubeka namalungiselelo okhetho oluzayo.
UMamabolo uveze ukuthi ngeke kuvotwe kusetshenziswa ezobuchwepheshe okhethweni oluzayo.
I-IEC ibikade inezithangami lapho ibilalele imibono yabantu ngodaba lokuvota kusetshenziswa ezobuchwepheshe.
UMamabolo uthe bazoqhubeka nalezi zithangami.
"Okwamanje sisacubungula umthetho, kungenzeka okhethweni oluzolandela ukuba kuvotwe ngezobuchwepheshe."
Amalungu esiShayamthetho akhombise ukungalwethembi uhlelo lokuvota kusetshenziswa ubuchwepheshe, athi uma kuvotwa kusetshenziswa lobu buchwepheshe kunganzima ukuba kuqinisekiswe ukuthi kuvote abantu abafanele.
UMamabolo uthe ukhetho lukazwelonke lwangonyaka owedlule, lubafundise izinto eziningi.
"Umbango ubumkhulu kakhulu okhethweni olwedlule. Asikaze siyibone into enje uma kunokhetho. Kube namacala ezinkantolo abalelwa ku-80 athinta ukhetho olwedlule. Nakuba umbango ubumkhulu kodwa ukhetho lwaba nokuthula. Maningi amampunge asabalaliswa ngaphambi kokhetho. Lena inselelo okufanele sibhekane nayo."
Uthe: "Kufanele sizibuze ukuthi sizokulwa kanjani nokusabalaliswa kwamampunge uma kunokhetho? Ukusabalaliswa kwamampunge kulimaza isithunzi senhlangano eyengamele ukhetho. Kwaba nezinselelo okhethweni okubalwa kuzo nokucisha kwemishini ngesikhathi kubalwa. Kodwa ekugcineni singasho ukuthi ukhetho lwaba olukhululekile."
UMamabolo uthe sebeqoke inkampani ezimele ukuba ihlole umshini wokuvota ukugwema ubuhixihixi obenzeka okhethweni olwedlule.
"Nathi asijabule ngobuhixihixi obaba khona. Ukungasebenzi kahle komshini wokuvota kwadala ukuba kube nemigqa emide ezikhungweni zokuvota."
Related Topics: