Izindaba

Unqaba ukuxolisa owasola uMbalula ngokubulala

Sabelo Nsele|Published

UNKSZ Anele Mda oyalelwe ukuba axolise kunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula

Image: Sigciniwe

USHAYA phansi ngonyawo oyalelwe ukuba axolise kunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula.

UNksz Anele Mda, oyalelwe yinkantolo ukuba axolise ngokusola uMbalula ngokubandakanyeka ecaleni lokubulala, uthe ngeke axolise.

UNksz Mda, owayengenele ukhetho lukazwelonke olwedlule ngokuzimela, uyalelwe yiNkantolo eNkulu eGoli ukuba axolise kuMbalula ngokumsola ngokuthinteka ekufeni kukasomabhizinisi, uMnuz Wandile Bozwana.

Inkantolo ibinikeze uNksz Mda amahora angu-24 ukuba axolise.

Umnqamulajuqu abewunikeziwe uphele izolo.

UMbalula wanikela enkantolo emva kokuba uNksz Mda ebhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyathinteka ekufeni kukaBozwana.

UBozwana, owayengumngani omkhulu kaMbalula, wabulawa ngo-2015.

"Wena igama lakho liyathinteka ekufeni kukaWandile Bozwana. Kusafanele usichazele ukuthi wawufunani eSandton nabantu ababeshayela imoto eyalandela uBozwana. Abantu ababekuleyo moto bagcina bedubula uBozwana ngo-2015. Awufuni ukuchaza  ukuthi kwenzekani ngempela. Wena ufanelwe yijele."

Inkantolo ithole ukuthi okubhalwe wuNksz Mda akusilona iqiniso nokuthi kungcolisa igama likaMbalula.

UNksz Mda ube eseyalelwa ukuba asuse umbhalo awufaka ezinkundleni zokuxhumana, aphinde axolise engakapheli amahora angu-24.

Uthe uzosidlulisela phambili isinqumo senkantolo.

Ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphe emva kwesinqumo senkantolo.

UNksz Mda uthe simdumazile kakhulu isinqumo senkantolo.

Uthe konke akushilo embhalweni awufaka ezinkundleni zokuxhumana kuyinto eyaziwayo, wathi kwake kwabikwa ngakho nakwabezindaba.

"UMbalula akakaze abathathele izinyathelo abezindaba ababhala le mibiko emyamanisa nokubulawa kukaBozwana. Kwaqala ukubikwa ngale nto eminyakeni eyishumi eyedlule. Kuyakhathazake ukuthi ngoba nakhu mina ngiwumuntu owaziwayo, unquma ukungimangalela enkantolo."

Uthe:"Ngikhulumile nabameli bami. Sizosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo. Angikungabazi ukuthi enye inkantolo izofike isichithe lesi sinqumo. Kuningi okuzokonakala uma ngingasiphonseli inselelo isinqumo. Kusho ukuthi thina baholi bezepolitiki sizogcina singasakwazi ukukhuluma ngokukhululeka uma ngiyeka ukuphonsela inselelo isinqumo."

Lize lashona elayizolo uNksz Mda esamile kwelokuthi ngeke axolise.

Ufake umbhalo ezinkundleni zokuxhumana ethi ngeke avume ukudlala abanye abantu.