Izindaba

Izinkomo ezintathu indlunkulu ithelelana amanzi

Sabelo Nsele|Published

Izinkomo

Image: Sigciniwe

KUWISWE izinkomo ezintathu ngesikhathi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithelelana amanzi nodadewabo esamhlambalaza uMntwana uNomkhosi kaZwelithini. 

INdlunkulu kaZulu ibe nenhlambuluko esigodlweni KwaKhangelamankengane, izolo.

Umhlangano ubuhanjelwe amakhanda ezindlu zasendlunkulu.

Inhlambuluko yenziwe emva kokusabalala kwenkulumo yeSilo lapho khona sasichapha uMntwana uNomkhosi ngenhlamba.

Ngasekuqaleni konyaka, kwasabalala inkulumo eqoshiwe, lapho kuzwakala khona iSilo sichapha ngenhlamba uMntwana uNomkhosi.

IMbube noMtwana uNomkhosi abasesigodlweni KwaKhangelamankengane, baphuma esibelethweni seNdlovukazi eyayibambe ubukhosi bukaZulu, uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu.

Okhulumela iSilo, UMntwana uThulani Zulu, uthe inkomo yokuqala eyokuxolelana kweSilo noMntwana uNomkhosi.

"Enye eyokugeza isigodlo kanti enye eyokugeza iNdlovukazi."

UMntwana uThulani uthe inhlambuluko ibalulekile ikakhulukazi njengoba isigameko sokuhilizisana kweSilo noMntwana uNomkhosi senzeka ngaphakathi esigodlweni KwaKhangelamankengane.

"Thina njengoZulu siyasihlonipha kakhulu isigodlo ngoba siyakholelwa ukuthi umoya weSilo uZwelithini ukhona lapha. Siyakholelwa ukuthi umoya weNdlovukazi ukhona lapha. ISilo siqhamuka kuso lesi sigodlo. Kubalulekile ukuba isigodlo okuqhamuka kuso iSilo sihlanzeke ukuze iSilo sizobusa kahle izwe laso."

UMntwana uThulani uthe iSilo sikhombise ukuba yisibonelo esihle ngokuvuma ukuba kube nenhlambuluko.

"Ngaphambi kokuthi iSilo singene esihlalweni besiwuMntwana nje waseNdlunkulu. Naso besenza izinto njengebanye abantu. Manje sesingaphezu kwayo yonke into. Sesiyaqala ukukhombisa ukuthi sesihlezi esihlalweni esikhulu."

IMbube ithe indlunkulu kufanele ibe isibonelo esihle ezweni.

"Siyikhanda lesizwe sonke. Isizwe sonke ithemba lisibeke kuthina. Abantu bayayibuka yonke into esiyenzayo. Asikwazi ukwenza sengathi asiboni ukuthi abantu bayasibona ngoba lokho kolimaza thina. Yonke into yasendlunkulu kufanele ibe sobala futhi ibe yinhle. Ngiyabonga kakhulu kwabasukumile, bebona ukuthi kufanele kwenziwe ubulungiswa."

IMbube ithe inethemba lokuthi uMdlokombane neNdlovukazi esiyizayalo bayijabulele inhlambuluko.

"Ngiyethemba ukuthi amathambo abo ayanyakaza njengoba sihlangene ngale ndlela lapha. Sihlanganele ubulungiswa, ukuya phambili nokwakha lo muzi."