Izindaba

Bashise inkantolo yesizwe uhulumeni 'ebeka inkosi phezu kwenye'

Sabelo Nsele|Published

UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, exhawulana noqokwe njengeNkosi yaseMdletsheni, uMakabongwe Simangaliso Mdletshe

Image: Sithunyelwe

KUNGQONGQISWE inkantolo yenkosi emva kwembibizane etholwe yinkosi yaseMdletsheni, uZolani Siphesihle Mdletshe, esale kanjalo emva kokuba uhulumeni uvume ukuqokwa kukaMakabongwe Simangaliso Mdletshe, njengenkosi ekubeni ihlezi esihlalweni.

Abanganelisekile basola uhulumeni waKwaZulu-Natal ngokuphehla udweshu, emva kokuba uvume ukuqokwa kukaMakabongwe ukuba athathe isihlalo obese kuhlale kuso uZolani kusukela ngo-2021.

UMakabongwe uzalwa owayeyibambabukhosi, uBonga Mdletshe, uZolani yena ungumzukulu wenkosi ewumfowabo kaBonga, uSipho Mdletshe.

UBonga, owabamba ubukhosi kusukela ngo-1982, wayeyilungu le-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, kanti kuthiwa wayebambele indodana kaSipho eyayisencane ngokweminyaka ngesikhathi kukhothama uyise, uDlozilabadletshe.

UDlozilabadletshe ozala uZolani, akazange abuthathe ubukhosi ngenxa yokuthi wake waboshwa.

Ngo-2021, owayenguMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngaleso sikhathi, uMnuz Sihle Zikalala, wabhala incwadi echitha uBonga njengebambabukhosi, wabe esevuma ukuqokwa kukaZolani njengenkosi.

UZolani ubelokhu ehlezi esihlalweni eyithola yonke nemihlomulo yakhe kuhulumeni njengoba egcine ukuhola ngenyanga eyedlule.

Kuleli sonto kushintshile ukudla epuletini ngesikhathi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, wazisa umndeni nomkhandlu wenkosi ngokuqokwa kwenkosi entsha emhlanganweni obusenkantolo yenkosi.

UNdunankulu wesizwe, uMnuz Wiber Mdletshe, usole uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu ngokuba budedengu.

UWiber uthe uMnyango awuzange ulusingathe ngobunono lolu daba.

"Angifuni ukungena ekutheni ubani ofanelwe isihlalo kodwa engakhala ngakho yindlela abenze ngayo. Le nto abayenzayo iqhatha izingane zenkosi, ifana nokuthi babeka enye inkosi phezu kwenye inkosi. Bona aboMnyango bekufanele babhalele uZolani, bamazise ukuthi uyakhishwa esihlalweni."

Uthe: "Bebezothini ukube bekusuka udlame emhlanganweni? Bebezothini ukuba bekushayana abantu khona emhlanganweni? Ngizitshelile izikhulu zomnyango ukuthi kofanele kusolwe zona uma kuke kwachitheka igazi lapha eMdletsheni. Siphoxwa uhulumeni siwethemba."

UWiber uthe isimo simazonzo njengoba sekushiswe inkantolo yenkosi.

"Inkulu imvunge, abantu kabajabule impela. Emva komhlangano kwashiswa inkantolo yenkosi."

Nakuba engazange anabe, uWiber usole inhlese yezepolitiki ngokukhishwa kukaZolani esikhundleni.

"Uhulumeni bawuphethe ngokobuqembu. Ayilungile le nto abayenzayo. Uhulumeni akufanele usebenze ngokobuqembu."

Okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Gina, uthe uhulumeni wesifundazwe uvume ukuqokwa kukaMakabongwe, emva kokuba igama lakhe liphakanyiswe ngumndeni ukuba angene esihlalweni.

"Ngokwazi kwethu, umndeni waba nomhlangano ngoSepthemba 8, wangonyaka owedlule, lapho waphakamisa ukuba uMakabongwe angene esihlalweni. Umndeni wanquma ukuthi uMakabongwe aqale enze umsebenzi wakhe. IKhabhinethi yaKwaZulu-Natal yabe seyivuma ukuqokwa kukaMakabongwe emhlanganweni owawungo-Agasti 6."

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, akazange ayiphendule imibuzo abuzwe yona.