ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uDkt Malusi Gigaba
Image: Phando Jikelo/Independent Newspapers
UMHLAZIYI wezepolitiki useveze ukuthi ukugxeka kwe-ANC esidlangalaleni amalungu ayo esigungu esiphezulu, uMnuz Senzo Mchunu, noDkt Malusi Gigaba, kuyamene nombango wezikhundla wokuhola le nhlangano oqhubeka umshosha phansi.
Umhlaziyi waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe isitatimende esigxeka uMchunu noGigaba, esikhishwe yiHhovisi likaNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, sikhombisa ngokusobala ukuthi usuqalile umbango wezikhundla.
I-ANC izokuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha ngo-2027.
UMbalula, Mchunu noGigaba kulindeleke ukuthi bangenele umbango wezikhundla kule ngqungquthela.
UMchunu noGigaba basanda kuziqhatha nolaka lweHhovisi likaMbalula, emva kokuba benze izinkulumo ezigxeka inhlangano.
UMchunu uzithintele iziqandu ngokuthi i-ANC isengozini yokulahlekelwa amandla okhethweni lomasipala, wayifanisa nomuntu ohamba onqenqemeni lwewa.
UGigaba yena uzibangele amazinyo abushelelezi ngokuthi agxeke ukufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana nangokuphakamisa ukuba kumiswe ingxoxo kazwelonke.
I-ANC ikhiphe isitatimende lapho isole khona uMchunu noGigaba ngokwakha isithombe sokuthi kunoqhekeko enhlanganweni nokuthi inhlangano iyashabalala.
"I-ANC izothatha izinyathelo ezifanele ukulungisa lokhu kuziphatha ngoba alikho ilungu lenhlangano okumele ligudluke emigomweni yokuziphatha," kusho isitatimende esikhishwe i-ANC ngoMsombuluko ebusuku.
ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Senzo Mchunu
Image: Nokubongwa Phenyane
UNdlovu uthe uMbalula uzama ngayo yonke indlela ukuphebeza labo abangase baphazamise umkhankaso wokuqokelwa esikhundleni esiphezulu.
"Ngiyazi ukuthi uma ubabuza manje abaholi be-ANC, bazokutshela ukuthi awukaqali umkhankaso wezikhundla. Siyazi ukuthi umbango wezikhundla uqala kusasele iminyaka emibili kufike ingqungquthela."
UNdlovu uthe uMbalula angaziqhatha namalungu e-ANC KwaZulu-Natal, ngokugxeka abaholi abaqhamuka kulesi sifundazwe.
"Izomlimaza le nto ngokuhamba kwesikhathi, ikakhulukazi uma sekubhekwe engqungqutheleni. Ingaba khona imibuzo yokuthi kungani egxeka bona kuphela? Kubukeka sengathi ugxeka bona ngoba nakhu kwehlela kubona. Kungaba khona ababuzayo ukuthi kungani engabagxeki abanye abaholi be-ANC abahlezi besematheni ngezindaba ezingezinhle?"
UNdlovu uthe ubheke ukuthi ushise kakhulu umbango wokuhola i-ANC engqungqutheleni elandelayo ngenxa yokuthi baningi abazofuna ukuthola ithuba lokuhola le nhlangano ngaphambi kokuthi iphume ngokugcwele emandleni.
"Njengamanje akusafani nakuqala lapho wawazi khona ukuthi umengameli we-ANC uyena ozokuba umengameli wezwe. Empeleni babanga ithambo elingenanyama."
Related Topics: