IMEYA kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, uDkt Michael Sutcliffe noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi
Image: Sithunyelwe
KULANDWE uqweqwe olunesipiliyoni kwezokuphathwa komasipala, uDkt Michael Sutcliffe, ukuba luzotakula uMasipala waseMsunduzi.
UMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uqoke uSutcliffe ukuba ayolekelela kulo mkhandlu okhungethwe yizinkinga.
USutcliffe owayeyimenenja kuMasipala waseThekwini, wethulwe ngokusemthethweni, izolo.
UMasipala waseMsunduzi ukhungethwe yizinkinga okubalwa kuzo ukungcola kwedolobha, inkinga yamanzi nogesi.
Ukungcola kwedolobha kwenze ukuthi izitolo ezinkulu zithuthe enkabeni yedolobha eMgungundlovu.
UButhelezi uthe uqoke uSutcliffe ngokulandela isigaba u-154 somthetho, esimgunyaza ukuba aqoke umeluleki uma ebona izimpawu zokuthi umasipala awusebenzi ngendlela.
Uthe uqoke uSutcliffe emva kwesikhathi eside kunezikhalazo ngokufadabala kwengqalasizinda yomkhandlu nokubaleka kwamabhizinisi enkabeni yedolobha.
"Umsebenzi wakhe wokuqala ukuba aqhamuke neqhinga lokushintsha isimo somkhandlu. Ngifuna agxile kakhulu ekuhanjisweni kwezidingo, ukuphathwa kahle kwemali nokubuyisa ithemba kosomabhizinisi. Ukujutshwa kukaSutcliffe kuzokwelekelela bonke abantu baseMsunduzi. Nginxusa amakhansela omkhandlu ukuba abambisane naye."
UButhelezi uthe uyamethemba uSutcliffe.
USutcliffe ubekade ejutshwe ukuba alekelele kuMasipala waseThekwini kulezi zinyanga ezingu-12 ezedlule.
"Uyancomeka umsebenzi awenzile ngesikhathi ejutshwe eThekwini. Uke waba imenenja kuMasipala waseThekwini isikhathi esingaphezu kweminyaka eyisishagalolunye futhi uke wajutshwa ukuba ayolekelela komasipala abahlukene."
IMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe bayakwamukela ukujutshwa kukaSutcliffe.
"Siwumkhandlu ozimisele nohlezi uzibophezela ukuhambisa izinsiza kubantu. Sihlezi sizimisele ukusebenza ngendlela egculisayo. Sihlezi siba nezinselelo njengayo yonke imikhandlu yalapha eNingizimu Afrika. Sikujabulela kakhulu ukwesekwa ezinye izinhlaka zikahulumeni."
UThebolla uthe abakungabazi ukuthi uSutcliffe uzobalekelela kakhulu ekulungiseni izinkinga ezikhungethe umkhandlu.
"Okusijabulisa kakhulu umuntu ojutshiwe umphathiswa, uSutcliffe. Sonke siyamazi ukuthi uyingqalabutho kwezokuphathwa komasipala. Kuningi esikufunda kuyena. Siyazi ukuthi ulwazi analo luzokwenza umehluko. Siyazi ukuthi ukulethwa kwakhe into yesikhashana kodwa sikujabulele kakhulu ukuba khona kwakhe. Sinethemba lokuthi sizohlomula kakhulu. Siyazi ukuthi uzolekelela lapha ukuba siqinisekise ukulandelwa kwemigomo. Siyamamukela futhi sizobambisana naye."
Related Topics: