UPHUMELA obala ngokuthi ubesewasaba naye amadodana akhe amabili (afihlwe ubuso) aboshelwe ukubulala uNkk Rose Mncibi nendodana yakhe uSbonelo Mncibi abatholwe begqitshiwe
Image: Facebook
BESEZIHLALISE lubhojozi ngisho unina nodadewabo izelamani zasesigodini sakwaGubhuza, eMzumbe, ezisolwa ngokubulala ugogo wazo uNkk Rose Mncibi nomalume wazo uMnuz Sbonelo Mncibi, abatholwe begqitshiwe beboshwe nezandla ngoLwesihlanu owedlule.
Unina wezelamani ongeke avezwe, ubhoboke wathi bese ethuthile washiya umuzi wakhe ngoba ezisabisa okwenyoka lezi zelamani ngenxa yokuthi bezihlala zimsabisa ngokumbulala.
Owesifazane ubekhuluma no-Ayanda Msweli oye lapho ebhace khona ngemuva kokuboshwa kwamadodana akhe.
Uthi lesi sigameko simqhathe nomndeni wakhe ngendlela angakwazi ukuyichaza ngoba akazi ukuthi uzobabhekelwa wubani.
“Yizingane zami lezi, lona omdala uneminyaka engu-24, omncane angazi noma ingu-20. Izingane lezi zibulale izihlobo zazo njengoba mina ngiyindodakazi yakwaMncibi. Nami bese ngishiyile emzini wami nezinye izingane zakwabo ngoba sibona singaphephile. Angazi ukuthi konakalephi ngenxa yokuthi ekuqaleni besihleli kahle. Bebeze bangiphekele bekhuthele nasekhaya. Kwathi sebeqala ukushintsha udadewabo wangitshela ukuthi yena uyahamba ekhaya ngoba ebona ukuthi bayingozi,” kusho owesifazane.
Uthe lona omdala ubehlala emtshela ukuthi uzombulala.
“Ubengenawo umazisi, besengizame kaningi ukumshayela kodwa kube nezinkinga. Beqala lo mkhuba wokuhlasela abantu bashaya omunye umfana khona endaweni wabavulela icala, bebehlala befunwa amaphoyisa kodwa engabafici. Kukhona la engake ngathi asiye edolobheni ngiyomenzela umazisi, wathi ngifuna ukumnikela emaphoyiseni, wangitshela kwezikabhoqo ukuthi uzongibulala. Yila engathatha khona isinqumo sokuhamba,” kusho yena.
Uthe ngisho abazukulu bakhe bebengasalubhadi esikoleni ngenxa yokubona bengaphephile kulaba bafana.
“Izingane sathi aziyeke isikole ngoba sisaba ukuthi uma behlangana nazo bazoziqhuba bazilethe lapho esesihlala khona. Ngisho ukuya edolobheni kunzima ngoba sisaba ukuthi bazosibona, sihlala ngokukhiya umuzi siphume ngoba siya ethoyilethi kuphela. Kumanje ngizwa kuthiwa kukhona umgodi omkhulu ombiwe ekhaya lapho besihlala khona, esingawazi ukuthi ngowani. Kungenzeka ukuthi bekuzogqitshwa mina nezingane zami uma kwenzeka sibuya. Ngeke ngazi ukuthi yini ebenze bathatha isinqumo sokwenza abakwenzile,” kuchaza yena.
Uthe akufisayo manje wukuthi akhelwe umuzi omusha ngoba ngeke esakwazi ukubuyela emzini wakhe omdala ngenxa yokwesaba.
Uveze ukuthi lapho ehlala khona manje yindlu yomxhaso, angayithandisisi kahle ngoba bese ejwayele ukuhlala emzini omkhulu.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, liveze ukuthi umsolwa owaboshwa kuqala ngeSonto, uMnuz Sphamandla Mncibi (21), uvelile enkantolo yaseHighflats ngecala lokubulala nokutshontsha impahla, icala lakhe lahlehla.
Umsolwa wesibili kulindeleke ukuthi avele namhlanje enkantolo yaKwaPhungashe, eSt Faiths ngamacala afanayo.
Umngcwabo kulindeleke ukuthi ube ngempelasonto.
Related Topics: