Izindaba

Kushunqe uthuli emhlanganweneni wekomiti eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi

Image: THOBILE MATHONSI / Independent Newspapers

KUSHUNQE uthuli emhlanganweni wekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, kubangwa indlela ikomiti okufanele lisebenze ngayo.

Kube ncane indawo ngesikhathi amalungu ekomiti ebanga imigudu okufanele ilandelwe yikomiti uma sekuqalwa uphenyo.

Amalungu aphikisane ngokuthi yibaphi abantu okufanele babizwe ukuba bazokwethula ofakazi nokuthi yimiphi imiqulu ezokwenziwa ibe yimfihlo.

Ikomiti belinomhlangano wokuhlahla indlela, izolo.

IMK ne-EFF bathe akufanele kube khona imibiko ezokwenziwa ibe yimfihlo.

Ilungu leMK, uMnuz David Skosana, lithe ikomiti kufanele linikezwe ilungelo lokuba libhunge ngayo yonke imibiko noma ngabe kuthiwa iyimfihlo.

"Asifuni kube nemiqulu okuthiwa izoba yimfihlo. Uma kuke kwaqala kwaba khona imiqulu eyimfihlo kuningi esizoxhoshwa kukhona. Inhloso yokufihla imiqulu kusuke kuwukuvikela abathinteka enkohlakalweni. Akufanele sivume ukuthi kube nemibiko eyimfihlo. Kanti sizokwenzani la uma kukhona izinto okuzothiwa asingakhulumi ngazo? Okungcono asivele siyeke."

Ilungu le-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, lithe ukungabhungwa kwemibiko eyimfihlo kuzokwenza ukuthi abantu bangaluthembi uphenyo lwekomiti.

"Izinsolo esiziphenyayo zibucayi kabi. Abantu vele banezinsolo zokuthi uphenyo luzovikela abathintekayo. Yonke into kufanele ibekwe obala. Uma singabhekile izwe lizosha."

Ilungu le-ANC elinguSotswebhu omkhulu ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, lithe kufanele kuhlonishwe imithetho eyengamele ukusingathwa kwemibiko eyimfihlo.

"Kunemithetho eyengamele imibiko eyimfihlo. Imibiko noma imiqulu eyimfihlo kufanele kubhungwe ngayo ezinhlakeni ezifanele. Akufanele umsebenzi wethu ugxambukele emsebenzini wamanye amakomiti."

Amalungu ekomiti avumelene ngokuthi wuMkhwanazi ozokwethula ubufakazi kuqala.

UMkhwanazi wenza izinsolo zokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, usondelene nezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Wenza izinsolo zokuthi kunezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa, izinhloli nezobulungiswa.

Amalungu ekomiti azichithile iziphakamiso ezenziwe yi-DA zokuthi ikomiti libhunge ngezinguquko okufanele zenziwe kwezobunhloli, ezobulungiswa kanye nasekusebenzeni kwamaphoyisa.

I-DA beyenze isiphakamiso sokuba kwenziwe izinguquko kulezi zinhlaka ukuze kuvinjwe ukugxambukela kosopolitiki.

Amalungu ekomiti asole i-DA ngokugagamela, athi kufanele kuphenywe izinsolo zikaMkhwanazi ngaphambi kokuba kubhungwe ukuthi yiziphi izinguquko ezingenziwa kulezi zinhlaka.