Izindaba

Iyamnenga uHlabisa eyomkhankaso wokumninda ngobende kwi-IFP

Sabelo Nsele|Published

UMENGAMELIi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ekhuluma emcimbini wokugubha uSuku lwabesiFazane

Image: Facebook/ IFP

UMENGAMELI we-IFP osanda kusolwa ngokuxegelwa wuziphu nokuphenya iziketi zabanye besifazane abaseqenjini, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe uyazi ukuthi kunomkhankaso wokungcolisa igama lakhe.

UHlabisa uthe uzophelela emoyeni njengentuthu umkhankaso wokumthela ngodaka athe uqhutshwa abaphikisana nemizamo yakhe yokulwela abantu besifazane.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha inyanga yembokodo obuhlelwe wuphiko lwabantu besifazane kwi-IFP, i-IFP Women's Brigade, ngeSonto ntambama eThekwini.

UHlabisa uthe uzoqhubeka nokulwela abesifazane, athe abanye babo bahlukunyezwa abaholi beqembu abanezikhundla komasipala.

Uthe abesifazane abasebasha abasebenza komasipala bathwele kanzima ngenxa yokuhlukunyezwa abaholi abaphethe izikhundla.

Uphawula kanjena nje kusanda kusabalala umbhalo ezinkundleni zokuxhumana omsola ngokujola namalungu eqembu.

Lo mbhalo ubuhambisana nezithombe ezimbili zabesifazane abagagulwe ngamagama, kwathiwa banobudlelwano noHlabisa.

"Ngizoqhubeka nalo mbhidlango wokulwela abesifazane nakuba kukhona umkhankaso wokudicilela phansi igama lami oqhubekayo. Ngiyazi ukuthi kunomkhankaso wokungcolisa igama lami. Noma bangathini ngami, ngeke baphumelele. Noma yiliphi itulo abalakhayo ngeke liphumelele. Engingakusho nje wukuthi ngizoqhubeka nokulwela abesifazane abahlukunyezwa abaholi bethu."

UHlabisa uthe uzoqhubeka nokuhamba ezinyathelweni zomsunguli we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, owabayalela ukuba bavikele abantu besifazane.

"Ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yokugcina ye-IFP eyayisoLundi, ngo-2019, uMntwana wakwaPhindangene wasiyalela ukuba sivikele abantu besifazane. Ngizoqhubeka lapho okwagcina khona uMntwana wakwaPhindangene."

UHlabisa uphonsele inselelo abaholi beqembu abaphethe imikhandlu ukuba bavikele abesifazane abasebasha abasebenza emahhovisi. Uthe abanye abaholi bemikhandlu bayabukela kuhlukunyezwa abesifazane, wathi abanye abaholi yibona imbala abahlukumeza abesifazane.

"Ngifuna ukuhlaba leli khwelo kubaholi bethu besilisa abayizimeya, amaphini ezimeya kanye noSomlomo. Abantu besifazane abasha abasebenza komasipala bayahlukumezeka nikhona. Ngifuna ukukusho nje ukuthi sizolwa nalo mkhuba wokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Lo mkhuba wenziwa abaholi abanezikhundla."

Uthe uzolwela ukuba abesifazane baqokelwe ezikhundleni ezibalulekile eqenjini kanye nakomasipala abaphethwe yi-IFP.

"Ngizolwela ukuthi abantu besifazane bajutshwe ezikhundleni ezahlukene ezinhlakeni zikahulumeni. Ngizoqhubeka ngilwele ukuthi abantu besifazane bangahlukunyezwa eqenjini kanye nasemiphakathini. Sizoqhamuka nezinhlelo zokuthuthukisa abesifazane."

UHlabisa uthe kuyamjabulisa ukuthi banoMphathiswa ongowesifazane KwaZulu-Natal, baphinde babe nezimeya, amaphini ezimeya kanye nosomlomo besifazane komasipala abahlukene.

"Abesifazane bawumgogodla weqembu. Ngithanda ukubonga ukuzinikela kwamalungu ophiko lwabesifazane kwi-IFP. Njengoba ngikhuluma nani nje, yinina vele enibaningi okusho ukuthi ngikhuluma nabantu abeseka iqembu."

Indaba yabaholi abaphezulu abaphenya abesifazane iziketi kuleli qembu yinto eyaziwayo kodwa ebikhulunyelwa phansi. Kweminye imikhandlu kuthiwa abaqashwayo baqale benyuse imiqhewu ngaphambi kokuba bathole umsebenzi.