UNKK Rose Mncibi obulawe nendodana yakhe uSbonelo, abatholwe beboshwe ngezintambo ethuneni elingashoni eduzane nomuzi wakhe
Image: Facebook
UKHALA ngonya nobuhlungu okubulawe ngawo amalungu omndeni wawo umndeni wakwaMncibi, endaweni yaKwaGubhuza, eMzumbe.
Kulesi sigameko okusolakala ukuthi senzeke ekuqaleni kwesonto eledlule, kubulawe unina nendodana yakhe abatholwe ngoLwesihlanu ethuneni elingashoni, ehlathini eliseduzane nomuzi wabo.
UNkk Rose Mncibi (82) nendodana yakhe uMnuz Sbonelo Mncibi (50), batholakale beboshwe izandla, uSbonelo enengozi ekhanda kanti ugogo yena akucaci ukuthi ubulawe kanjani.
Sbonelo Mncibi
Image: Sithunyelwe
Ikhuluma no-Ayanda Msweli indodakazi yakulo muzi endala, uNkk Nokuthula Hadebe, ithe yagcina ukubona abomndeni wakhe ngeSonto, ephuma esontweni kungekho lutho olubi.
“NgoLwesine, ngathumela indodana yami kumalume wayo ngoba kukhona udaba okwakumele siluxoxe, yangitshela ukuthi akafici muntu kodwa kwangixaka ukuthi bayephi ngoba njalo uma bezohamba bebesho. Yangitshela ukuthi okuyixakayo ukuthi imoto ayikho egcekeni, isemgwaqweni. Ngaphinde ngathi ake ahambe ayobheka futhi, wathi akabafici futhi akukhanyisiwe. Ngakhetha ukuthi ngize mina khona ebusuku, ngacela enye ingane yakamakhelwane ukuthi ingiphelezele. Sathi uma sesisondela sezwa kukhala izicabha emotweni, ekhaya kungakhanyi. Saya kocela umakhelwane owubaba ukuthi asiphelezele ngoba sisaba,” kuchaza yona.
UNkk Hadebe uthe ngesikhathi sebefika ekhaya bathola ukuthi ugesi unqanyuliwe kwezinye izindlu futhi kuthathwe izimpahla, ama-ID namakhadi asebhange.
“Ugogo kuyabonakala ukuthi wayeselele ngoba umbhede wawungandluliwe. Sathatha isinqumo sokubiza umndeni sacinga, sabiza namaphoyisa abhala isitatimende. Sathatha isinqumo sokuthi sime ukubheka ngoba isebusuku, sawatshela amaphoyisa ukuthi sovuka ekuseni siqhubeke sibheke ngoba sihlala endaweni enamahlathi, sawacela ukuthi afike nezinja ukuze zinuke umkhondo,” kuchaza yena.
Uthe izidumbu zalaba bazithole ngemuva kokulandela la kwakuhamba khona imoto abanye omakhelwane abathi bayibona imi khona kodwa bangazi ukuthi ifunani.
“Amasondo emoto asifikisa ekupheleni komgwaqo, sathi uma siqhubeka sabona indawo okubonakala ukuthi ibimbiwa, ilungisiwe kodwa ayiqumbile njengethuna. Safonela amaphoyisa afike aqala kwagujwa, kwatholakala umzimba kamama nokamfowethu. Kubuhlungu esikubonile, asazi lesi simo siyophola kanjani, izigebengu ziphumile, izidakamizwa ziyinkinga,” kuchaza yena.
Kuvele ukuthi ethuneni abafihlwe kulona bekukhona nezingubo zikaSbonelo, umuthi wokuxubha, upholishi nazo zonke ezinye izinto okubalwa nezicathulo zakhe. Kuthiwa bebeboshwe ngayo yonke into ebusweni yokubavala umoya, okuyi-tape enkulu, izintambo zikagesi kanjalo nangezinye izinto beboshwe nezandla.
Izolo Isolezwe lithole ukuthi umfana oyedwa wendawo ubanjwe ngabafana akade belusile, abamthole ehlathini nezimpahla zikamufi neselula yakhe. Kuthiwa uthathwe amaphoyisa kanti omunye akade enaye ubalekile.
Lo mfana othathwe amaphoyisa kuvela ukuthi akafunanga ukukhuluma ukuthi izimpahla uzithathephi, ubezenza sengathi uyaphambana ekhanda.
Sishicilele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, engakaphawuli ngesehlakalo.
Related Topics: