OBULEWE uMnuz Siyanda Mthokozisi Mvelase
Image: Facebook
USIYANDA Mvelase waKwaNongoma obulawe ngesihluku eGoli, ngemuva kokuqubuka kwempi yosomatekisi nabashayeli bezimoto ezikhokhisa ngebanga olihambayo
Image: Facebook
UPHUTHUNYISWE esibhedlela isimo sakhe singesihle owesifazane waseNhlungwane, KwaNongoma, ngemuva kokubulawa ngesihluku kwendodana yakhe obekuyiyona yodwa, uSiyanda Mthokozisi Mvelase (27).
USiyanda obesanda kuya eGoli ngemuva kokuthola umsebenzi wokushayela izimoto ezikhokhisa ngebanga olihambile, udutshulwe washona ngesonto eledlule enxanxatheleni yezitolo iMaponya Mall, eSoweto.
Kulesi sigameko kusolwa umbango okhona phakathi kosomatekisi nabashayeli balezi zimoto.
Unina kaSiyanda, uNksz Khonzi Khuzwayo, kuvela ukuthi akazamukelanga kahle izindaba zokushona kwendodana yakhe, abesethembe yona ukuthi izomsiza ekhaya, okwenze ukuthi agule aze ayiswe esibhedlela.
Umndeni wakhe ukhala ngokuthi ngeke baze bakuthole ukuthula njengoba bezongcwaba umlotha okuyinto ebaphatha kabi njengoba kuthiwa kusele ithambo lomlenze kuphela.
Umalume kamufi uMnuz uMlamuli Khuzwayo, ekhuluma nophiko lwezindaba lakwaSABC, uthe akazi abuchaze kanjani ubuhlungu abuzwayo ngokushona kwendodana kadadewabo.
"Okubuhlungu kakhulu ukuthi sesitsheliwe ukuthi ushe ungumlotha akabonakali nokuthi uwubani, into eshoyo ukuthi umuntu ithambo lomlenze okuyilona elisele. Bekungenzeka sithobeke amanxeba uma ukube bamshiya kanjalo ngemuva kokuthi bemdubulile umzimba wakhe siyawubona. Asinamali yokungcwaba. Asinalutho,” kusho uKhuzwayo.
Uthe abakufunayo njengomndeni ubulungiswa ngesimo esibehlele.
U-Anti kamufi uNksz Ntombenhle Khuzwayo ekhuluma neSolezwe, uthe balindele ukuthi bahlangane namhlanje njengomndeni ukuqala izinhlelo zomngcwabo.
Uveze ukuthi bayakuzonda okwenziwa ngosomatekisi enganeni kadadewabo
“Udadewethu akasele nangane, namzukulu njengoba uSiyanda ebengakabi nangane, basenze into ebuhlungu osomatekisi. Udadewethu kumanje uyagula iBP iphezulu, simzamela nosizo lokuthi abone udokotela ozomluleka ngoba isimo sakhe asisihle,” kusho yena.
Uthe izinsalela zomzimba kaSiyanda zisaseGoli.
Uveze ukuthi ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi abulawe uSiyanda, wayemtshela ngezinhlelo anazo zokwakhela umama wakhe indlu.
“Ibulawa nje ubenezinsuku ezimbili kuphela eqalile ukusebenza, silimele singumndeni kubuhlungu, nale moto akade esebenza ngayo ubesanda kuyithenga. Indodana kadadewethu omdala lena, bekuyiyona yodwa, ngemuva kokuqeda u-matric, weza lana kimi eGoli ezofuna umsebenzi. Bengijwayele ukumsiza ezintweni ezihlukene, kodwa abekufuna ukuzimela. Ekuhambeni kwesikhathi waphinde wehla waya ekhaya, ubuya nje uzozama kulo mkhakha kanti kuzokwenzeka lesi sigameko,” kuchaza yena.
Uthe wayejabule emfonela emtshela ukuthi uyabuya eGoli njengoba esezoqala umsebenzi wokushayela izimoto ezikhokhelwayo.
“Siyathuthumela ngalesi sigameko ingane isanda kuqala nje ukusebenza. Ubefuna ukwenza isimo sibe ngcono kuye nomama wakhe, ongaphili nohlala ngokugula. Ubenezinhlelo eziningi manje konke kuphelile,” kuchaza yena.
Kwashuba isimo kwavala inxanxathela ngemuva kwalesi sigameko umphakathi uthi awusawafuni amatekisi kule ndawo.
Kodwa ngoLwesihlanu, isimo sibe ngcono ngemuva kokuthi uMphathiswa wezokuThutha uNkk Kedibone Diale-Tlabela, ebe nomhlangano nezikhulu ezihlukene, lapho kugcine kunxuswa umphakathi ukuthi ume ukuphazamisa ukusebenza kule nxanxathela.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, uthe kuphenywa icala lokubulala, namabili okuzama ukubulala nokulimaza impahla ngemuva kwalesi sigameko.
Related Topics: