UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, uGayton McKenzie, osolwa ngokucwasa
Image: Sigciniwe
INHLANGANO yamalungelo abantu, iSA Human Rights Commission (SAHRC), ishubisela uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko osolwa ngokucwasa abantu abamnyama, uGayton McKenzie.
I-SAHRC isibhalele uMcKenzie imyalela ukuba achaze kabanzi ngezinkulumo azibhala ezinkundleni zokuxhumana ezicwasa abantu abamnyama.
Inikeze uMcKenzie umnqamulajuqu wangoLwesithathu ukuba achaze, yaveza ukuthi izinkulumo zakhe zingenza ukuba avulelwe icala eNkantolo yezokuLingana.
UMcKenzie ungene obishini emva kokuba abantu bevundulule izinkulumo zakhe zakudala azifaka ezikundleni zokuxhumana lapho khona kwezinye ayebiza abantu abamnyama ngegama eliqala ngo-K.
Lezi zinkulumo zavundululwa emva kokuba uMcKenzie egxeke abanikazi be-Openchats Podcast, abasola ngokucwasa amakhaladi.
I-SAHRC ithe isiqale uphenyo ngodaba lukaMcKenzie emva kokuthola izikhalazo eziqhamuka emaqenjini ezepolitiki kanye nakubantu abehlukene.
"Siphinde saqaphela ukuthi baningi abantu abakhonondayo ezinkundleni zokuxhumana."
Isikhulu seSAHRC, uSolwazi Tshepo Madlingozi, sithe akekho umuntu ovumeleke ukusebenzisa igama eliqala ngo-K.
"Noma ngabe kuthiwa uyadlala, umthetho awukuvumeli ukuba usebenzise leli gama. Ngenxa yesikhundla asiphethe uMcKenzie, kulindeleke ukuthi indlela aziphatha ngayo ihambisane nemithetho ebekelwe ongqongqoshe namalungu ePhalamende. Bukhona ubufakazi bokuthi uMcKenzie wephule umthetho wezokulingana, ingakho simbhalele incwadi okufanele ayiphendule lingakashoni ilanga langoLwesithathu."
UMadlingozi uthe kungenzeka bafake icala eNkantolo yezokuLingana.
Amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo i-ActionSA ne-EFF afuna ukuba uMengameli Cyril Ramaphosa axoshe uMcKenzie.
Lawa maqembu athe uMcKenzie akafanelwe ukuqhoqhobala isikhundla njengoba esolwa ngokucwasa.
Ilungu le-ActionSA ePhalamende, uMnuz Alan Beesley, lithe basamile ekutheni uMcKenzie kufanele ashiye esikhundleni.
"Sikushayela ihlombe ukuba iSAHRC iqale uphenyo. Siyaphinda siyasho namanje ukuthi asikwazi ukuba nongqongqoshe ocwasa ngokobuhlanga. Asinendaba ukuthi le nto wayisho kudala noma uyisho manje. Kufanele athathelwe izinyathelo lo ngqongqoshe. Sifisa ukuthi iSAHRC isazise ngokuqhubeka ophenyweni lwayo. Ngeke sikubekezelele ukucwaswa kwabantu, ikakhulukazi njengoba sonke sazi ukuthi sisukaphi njengezwe."
UMcKenzie waxolisa ngokufaka lezi zinkulumo ezinkundleni zokuxhumana kodwa wathi ngeke ehle esikhundleni, wathi akumele ajeziselwe izinkulumo azifaka eminyakeni engaphezu kweyishumi eyedlule.
Related Topics: