Izindaba

Wehlele ngezansi uhulumeni wakuleli ezingxoxweni neMelika

Sabelo Nsele|Published

Parks Tau

Image: GCIS

UFONGQE isigqoko uhulumeni waseNingizimu Afrika ezingxoxweni zawo nohulumeni waseMelika ngodaba lwentela entsha eyengezwa emikhiqizweni yakuleli ethunyelwa eMelika.

Uhulumeni wakuleli uzothumela isiphakamiso esisha kowaseMelika njengoba iqhubeka imizamo yokuba kuhoxiswe intela ka-30%, ekhokhwa yizinkampani zakuleli ezithumela imikhiqizo eMelika.

Lezi zindaba zivezwe nguNgqongqoshe, wezeziMboni, ukuHwebelana nokuNcintisana, uMnuz Parks Tau, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

UTau uthe isiphakamiso esisha esizothunyelwa eMelika siphasiswe emhlanganweni weKhabhinethi obungesonto eledlule, wathi kulesi siphakamiso balungise zonke izinto iMelika ebikhala ngazo ngesikhathi kunezingxoxo.

"Isiphakamiso esisha sizothunyelwa ehhovisi lezohwebo eMelika. Sinethemba lokuthi  isiphakamiso esisha sizodala ukuba sifinyelele esivumelwaneni. Le siphakamiso silandela  esasithumela ngoMeyi. Esiphakamisweni esisha silungise kakhulu izinto iMelika ebikhala ngazo."

Phakathi kwezinto iMelika ibikhala ngazo kubalwa imibandela eqinile ebekelwe izinkampani ezifuna ukuthumela inyama yenkukhu neyengulube kuleli.

"IHhovisi likaMengameli waseMelika lezohwebo lapha e-Afrika, lingazise ukuthi lizothumela ngomkhumbi inyama yenkukhu neyengulube emasontweni amabili ezayo. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi sezilungisiwe izinkinga ebezikhona."

UNgqongqoshe wezoLimo, uMnuz John Steenhuisen, uthe sekucacile ukuthi kulezi zingxoxo akubangwa nje kuphela izindaba zokuhwebelana kodwa wathi kukhona okunye okubangwayo.

"Le nto yenza kube nzima ukuthola isisombululo ngokushesha njengoba umbango ungasuswa indaba yokuhwebelana kanye nentela. Ingakho sizithola sikule simo esikuso njengamanje."

USteenhuisen uthe maningi amazwe acuthele ukuthumela imikhiqizo eMelika.

"Uma usiqhathanisa namanye amazwe mincane imikhiqizo esiyithumela eMelika. Maningi amanye amazwe acuthele amakhasimende abetholwa izinkampani zakuleli. Lokhu kwenza ukuthi izingxoxo zibe nzima. Okunye kwenza ukuba izinto zibe nzima imithetho yakuleli."

USteenhuisen uthe bazama ukuthola ezinye izindawo okuzothunyelwa kuzo imikhiqizo yakuleli.

"Akulula ukuvela sikhohlwe iMelika kodwa iqiniso ukuthi kufanele sibe siqala sibheka ezinye izindawo esingathumela kuyo imikhiqizo ukuze kungeke kukhahlamezeke izinkampani zakuleli ezithumela imikhiqizo eMelika."

Uhulumeni wakuleli ufuna ukuthi izinkampani ebezithembele ekuthumeleni imikhiqizo eMelika, ziqale ukuthumela imikhiqizo yazo e-Asia, Europe nase-Afrika.