Izindaba

Kuqeqeshwe abaphekela abafundi ezikoleni

Nokubongwa Phenyane|Published

UMPHEKI uSifiso Gwala obehambisana nabakwa-Unilever nabakwaKnorrox njengoba bebeyofundisa abesifazane abapheka ezikoleni ngendlela yokuhlanzeka nokuphekela abafundi ukudla okumnandi nokunomsoco

Image: Sithunyelwe

KULINDEKELE ukuthi ihluke indlela obekuphekelwa ngayo abafundi ezikoleni ezahlukene kuleli njengoba abakwaKnorrox nenkampani yakwa-Unilever, beqale umkhankaso wokuqeqesha abesifazane abaphekela abafundi ezikoleni ezahlukene kuleli.

Kulo mkhankaso oqale esifundeni iKing Cetshwayo, esikoleni iShowe High, abesifazane abaphekela abafundi baqeqeshwe ngezinto ezithinta ukuhlanzeka nokwenzela abafundi ukudla okumnandi nokunomsonco.

UNksz Naledi Mhlane wakwa-Unilever uveze ukuthi uhlelo lolu akade baluqala lokungenelela ezintweni ezithinta izindawo okuphekelwa kuzo ezikoleni.

UNKSZ Silindile Mbele obengomunye wezikhulu zakwa-Unilever ebezihambele umcimbi

Image: Sithunyelwe

“Kulo nyaka sibone ukuthi ake senze ukudla okudliwa izingane kube okunambithekayo njengoba sikhiqiza ukudla okugcwele umsoco ohlukene. Ngakho sibone kubalulekile ukuthi sihlangane noMnyango wezeMfundo ukuze kukhuphuke izinga ngoba kukhona izingane ezithembele kukhona lokhu kudla futhi sifuna izingane zikujabulele ukudla ezikutholayo,” kusho uNaledi.

Uthe bangaphezu kuka-5 000 abesifazane abaphekela izingane kanti bazothatha ababili ezikoleni ezehlukene ezifundazweni.

“Uma sisuka lana siya eGauteng, sizolokhu sihambela izifunda ezehlukene ngakho sijabule ukuthi kukhona ulwazi abazohamba nalo balusebenzise,” kuchaza yena.

UNkk Sibahle Simelane obemele uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bayabonga kakhulu kulezi zinkampani ezimbili ezikhethe ukusukumela into ebaluleke kangaka ethinta impilo yabafundi.

“Njengomnyango thina asinayo imali esingenza ngayo izimfundiso zalolu hlobo. Kodwa siyabonga kwabakaKnorrox no-Unilever ngokuthi basukume baqale bahambise ukuqeqeshwa komama. Siyazi ukuthi luzohamba ibanga elide, ngeke nje baluthathe manje bese beyaluyeka,” kuchaza yena.

Uthe bona bebenohlelo lokuthi ukudla kwezingane kumele bakuphathe kanjani futhi kuhlale ezindaweni ezinjani ukuze kuhlale kuvikelekile.

UNksz Zaphezulu Dludla ongumpheki eLittle Flower Primary, uthe bayabonga ngokuzothola ukuqeqeshwa njengoba kwezinye izikole bezithola izinongo ezenza ukudla kube mnandi ezinye bengakutholi.

“Singakujabulela ukuthi izinongo zibe khona ekudleni kwezingane ngenxa yokuthi kuyasiza kukwenze kunambitheke. Ngijabule ukuthola ukuqeqeshwa ngisho kubapheki abaphezulu abasikhombise ukuthi sisebenzise izipuni ezinjani, amapulangwe esiqobela phezu kwawo nokunye,” kuchaza yena.