Izindaba

'Ukuhoxa kwezinhlangano akuzukuphazamisa izingxoxo ngezwe'

Sabelo Nsele|Published

INHLANGANO yowayengumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki, iThabo Mbeki Foundation, ingenye yezinhlangano ezihoxe emalungiselelweni engxoxo ngesimo sezwe

Image: Sigciniwe

ABAHOLA izingxoxo ngesimo sezwe bathi ngeke baphazanyiswe wukuhoxa kwezinhlangano zamaqhawe omzabalazo.

Abahola lezi zingxoxo bathe bayaqhubeka namalungiselelo omhlangano owandulela izingxoxo ozokuba ngoLwesihlanu. 

Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma nabezindaba, izolo. 

Izinhlangano zamaqhawe omzabalazo ebezisekhaleni lamalungiselelo ezingxoxo, iThabo Mbeki Foundation, Steve Biko Foundation, Chief Albert Luthuli Foundation, Desmond and Leah Tutu Foundation kanye neFW de Klerk Foundation, zihoxile emalungiselelweni ezingxoxo.

Lezi zinhlangano zikhale ngokungabi khona kwesikhathi esanele sokuhlelela izingxoxo, kanye nokungacaci kokuthi imali ezosetshenziswa ezingxoxweni izoba yimalini.

USihlalo wekomiti elilungiselela izingxoxo, uMnuz Boichoko Ditlhake, uthe umhlangano wangoLwesihlanu uzoqhubeka yize sekuhoxe lezi zinhlangano. 

"Akusekho ukujikela emva kwendlu. Izingxoxo zizoqhubeka. Ngeke sivume ukulawulwa yizinhlaka ezithile. Abekho abantu okufanele babe ongqoshishilizi ezingxoxweni. Izingxoxo ezesizwe. Selokhu ziqalile izinhlelo sithole ukwesekwa abantu abaningi. Ukuhoxa kwabo ngeke kusiphazamise nakancane. Kulezi zinsuku ezine ezedlule kuningi kakhulu esikwenzile uma sizoqhathanisa nesikwenzile ngaphambi kokuthi kuhoxe lezi zinhlangano. Ngamafuphi nje ngingasho ukuthi ukuhoxa kwezinhlangano akusiphazamisanga, futhi ngeke kusiphazamise."

UDitlhake uthe kumenywe abantu abangu-775 emhlanganweni wangoLwesihlanu ozoba senyuvesi yakuleli i-Unisa ePitoli. 

"Abantu abamenyiwe baqhamuka emikhakheni engu-30, bamele izinhlangano ezingaphezu kuka-300."

UDitlhake uthe bazokonga imali ngokuthi abantu abasuka ezifundazweni eziseduze naseGauteng bangagibeli amabhanoyi. 

Okhulumela ikomiti elilungiselela izingxoxo, uMfu Zwoitwaho Nevhutalu,  uthe enye imali ezosetshenziswa ezingxoxweni ayizukuqhamuka kuhulumeni njengoba kukhona izinhlangano ezizonikela.

"Ngokwezinhlelo u-60% wemali ezosetshenziswa uzoqhamuka kuhulumeni, lena enye izonikelwa yizinhlangano ezahlukene."

UNevhutalu uthe kuyabamangaza ukuthi kukhona izinhlangano ezikhala ngokuthi asikho isikhathi esanele sokulungiselela izingxoxo. 

"UMengameli wafike wamemezela ukuthi kuzokuba nengxoxo ngesimo sezwe, akalukhiphanga usuku. Kwaba yibona abantu abamphoqa ukuba akhiphe usuku. Manje ke uselukhiphile usuku. Siqhamukaphi le sikhalazo sokuthi asikho isikhathi esanele ekubeni kuyithina ebesimjaha sithi akakhiphe usuku?"

UNevhutalu uthe izingxoxo zizokuba khona kuzo zonke izingxenye zezwe.

"Kuzokuba nezingxoxo kuwo wonke ama-ward angaphezu kuka-4 000 akhona lapha eNingizimu Afrika. Sihlela ukuthi ewadini ngayinye kube nezingxoxo ezindaweni ezintathu ezahlukene. Kusho ukuthi ekugcineni sizokuba nezingxoxo ezindaweni ezingaphezu kuka-13 000 ezahlukene."