UNKK Nonhlanhla Nzuza oyiMeya yaseNkandla osememezele izinhlelo azoqhubeka nazo kulo masipala njengoba eseqede izinsuku ezingu-100 engenile ehhovisi
Image: Sithunyelwe
IHLOSE ukuhlala phansi nabafelokazi ukuze kubhungwe ngobunzima bokusala bodwa emakhaya sebeshonelwe abayeni iMeya kaMasipala waseNkandla, njengoba isanda kuhlanganisa izinsuku ezingu-100 yangena ehhovisi.
UNkk Nonhlahla Nzuza uthe izinhlelo ezithinta abesifazane, abesilisa, nentsha yizona azozibheka kakhulu.
Ekhuluma neSolezwe uveze ukuthi kusukela kusasa kuze kube wuJanuwari ngonyaka ozayo banezinhlelo ezihlukene ezithinta umphakathi nokumele bazisukumele bona njengabaholi.
“Njengomkhandlu wasemakhaya kuningi okumele sikubheke emphakathini okuphilisa abantu kabi. Kusasa (namhlanje) kunembizo yamadoda la kuzoxoxwa khona ngezinto ezihlukene amadoda okumele azenze ekukhuliseni izingane nabo nje uqobo ukuthi kumele babe obaba nabayeni abanjani emakhaya abo. Isimo esike sasivelela endaweni yaseNhlotshane, esikoleni iBizimali sisivule amehlo ngakho kungakho sikhethe ukuba nohlelo olufana nalolu, ukuze singaphinde sibe nezigameko lapho izingane ziyozizwa zingaphephile,” kusho uNkk Nzuza.
Uthe ngenyanga ezayo bahlele ukuhlangana nabesifazane abashonelwa abayeni nondlunkulu bamakhosi ukukhuluma nabo ngezinto ezihlukene nabo abazidingayo kubo.
“Uyazi ukushiywa wumyeni wakho adlule emhlabeni kube ngenye yento engiyibone kimi inzima, ngoba sijwayele ukubambisana kodwa uma usuwedwa konke kusala nawe. Ngakho njengoMasipala ngibone kungcono ukuthi sibe nohlelo lokuhlangana nalaba besifazane sixoxe siphinde sizwe ukuthi badingani. Sihlela ukuthi kube khona izikhulumi ezizobakhuthaza babone ukuthi ababodwa. Nondlunkulu kanjalo sifuna babe yisibonelo emphakathini nabo sizobheka izinhlelo esingazenza nabo ukusiza ezindaweni zamakhosi abahlala kuzo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi asekubheke kakhulu wukuthi kuqale ukwakhiwa kwenxanxathela yezitolo nezindawo zokulala njengoba uNgqongqoshe uMnuz Dean Macpherson efikile ezobanika indawo lapho okumele kuqale khona ukwakhiwa kwezitolo.
Uthe kubo kuwumlando lokhu njengoba kuzovula amathuba omsebenzi futhi kuthuthukise idolobha labo kungene nomnotho.
Ezintweni ezifana namanzi, imigwaqo nogesi uthe sebekhulumile nozakwabo ababhekele le minyango esifundazweni ukuze lezi zingqalasizinda zilungiswe njengoba imigwaqo imibi kwezinye izindawo kungahambeki, amanzi engekho futhi kusekhona izindawo ezingenawo ugesi eNkandla.
Bona uthe isabelomali abanaso salo nyaka omusha wezimalii singu-R293 million nabahlele ukuthi balungise ngaso imigwaqo emincane yasedolobheni nengenela emakhaya, amahholo omphakathi nezinkulisa.
Related Topics: