Izindaba

I-DA ifuna kuqedwe imithetho 'ethuthukisa abamnyama'

Sabelo Nsele|Published

Umholi weDA uJohn Steenhuisen

Image: Timothy Bernard/Independent Newspapers

I-DA ifuna kuqedwe imithetho okuthiwa kuhloswe ngayo ukuthuthukisa abantu abamnyama kwezamabhizinisi nakumathuba emisebenzi.

Ithe ifuna kuqedwe umthetho ophoqa ukuba kubhekelelwe izinkampani eziphethwe ngabantu abamnyama, iBroad-Based Black Economic Empowerment (BBBEE), kanye nophoqa ukuthi kubhekelelwe abantu abamnyama uma kuqashwa abazophatha izikhundla, i-Employment Equity Act.

Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe bafuna nokuthi kuchithwe umthetho wokuthathwa komhlaba. 

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo. 

USteenhuisen uthe le mithetho emithathu abafuna ukuthi ichithiwe ixosha abatshalimali.

"Akusikhona ukuthi siphikisana nokuthi kube nezinguquko kodwa iqiniso ukuthi le mithetho yenza ukuthi umnotho ungakhuli ngenxa yokuthi abatshalibemali bayesaba. Le mithetho ayibasizi ngalutho abantu bakuleli abafuna imisebenzi. Ingakho sifuna ukuthi iphele. Into ezothuthukisa abantu ukuba kuqedwe imithetho evimba ukukhula komnotho. Izigidi zabantu bakuleli zifuna imisebenzi. Indlela yokuthuthukisa abantu ukuba ubanikeze amathuba emisebenzi."

USteenhuisen uthe iBBBEE ihlomulisa idlanzana elithile losomabhizinisi. 

"Osomabhizinisi abancane bayacindezeleka ngenxa yokuthi kuhlomula idlanzana elithile elisondelene nabantu abakhipha amathenda. Maningi amabhizinisi asafufusa agcina ewe bhu phansi ngenxa yokuthi uxhaso lutholwa ilabo abazana nabathile kuphela."

USteenhuisen uthe umnotho wakuleli awukhuli ngenxa yale mithetho emithathu.

"Uma uzobheka kule minyaka ewu-15 eyedlule, izinga labantu abangasebenzi likhulile lisuka ku-22%, njengoba selisondele ku-33% manje. Uma uzobala nalaba asebaphonsa ithawula ekufuneni umsebenzi, kusho ukuthi empeleni bangu-43% abantu bakuleli abangasebenzi."

USteenhuisen uthe bazophakamisa ukuba kube nezinguquko emithethweni yakuleli ukuze kuzovuleleka zonke izinkampani ezifuna ukutshala imali, kukhule umnotho, kuphinde kudaleke amathuba emisebenzi. 

USteenhuisen uthe bafuna ukuthi uhulumeni uyeke ukutakula izinkampani zawo ezicwile ezikweletini, kuliwe nenkohlakalo, kuphinde kulungiswe izinkinga ezibhekene nomasipala.

"Angixoxi inganekwane lapha kodwa ngikhuluma ngento thina esiyenzayo esifundazweni esisiphethe, iWestern Cape, kanye nakomasipala esibaphethe. Umnotho ukhula kangcono kulezi zindawo eziphethwe yi-DA."

Uthe: "Ngizokwethula iziphakamiso zethu emhlanganweni weKhabhinethi. Ngifisa ukuthi uMengameli (Cyril Ramaphosa) aseke iziphakamiso zethu zokukhulisa umnotho. Ngizophinde futhi ngenze izethulo ePhalamende. Phela ePhalamende kusemphelandaba, lapho kuxoxwa khona zonke izindaba."