UMHOLI weDA uJohn Steenhuisen
Image: DA
IZOBHEKANA nomqansa i-ANC emizamweni yayo yokwandisa isibalo samaqembu ayingxenye ohulumeni wokubambisana njengoba iqembu lesibili ngobukhulu kulohulumeni ophethe, iDA, lithi angeke livume ukuba kwandiswe amaqembu.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe abahambisani nokuba kwandiswe amaqembu kulohulumeni ophethwe owakhiwe amaqembu ayishumi.Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
I-DA iyiqembu lesibili kuhulumeni wokubambisana ukuba liphikisane nesiphakamiso sokuba kwandiswe amaqembu njengoba neFF Plus nayo isanda kuveza ukuthi ayihambisani nalesiphakamiso.
Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC wathatha isinqumo sokuba kwandiswe amaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana.
Lesinqumo sathathwa emva koqhekeko olwabonakala emaqenjini abusa ngokubambisana ngesikhathi kufanele kuvotelwe isabelomali.
I-DA neFF Plus baphuma eceleni bangasivotela isabelomali esasinesiphakamiso sokuba kunyuswe intela ngo-0.5%.
I-ANC yagcina yesekwa amaqembu amancane angeyona ingxenye yohulumeni wokubambisana, i-ActionSA, neBosa, ngesikhathi kuvotelwa isabelomali.
Ekugcineni sahoxiswa isiphakamiso sokunyusa intela ngenxa yokuthi iDA neFF Plus babeqhubeka nokusiphikisa.
USteenhuisen uthe i-ANC ayikwazi ukuvele inqume ukwandisa isibalo samaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana.
"I-ANC kufanele ikhumbule ukuthi kunesivumelwano eyasisayina ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni wokubambisana. Nesivumelwano sinemibandela okufanele ilandelwe yiwo wonke amaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana. Imibandela ikubeka kucace ukuthi yini okufanele yenziwe uma kufanele kujoyine iqembu elisha. Kofanele kube nesibalo esanele samaqembu ayingxenye yohulumeni wokubambisana azokweseka ukuba kujoyine amaqembu amasha."
USteenhuisen uthe bona abasiboni isidingo sokuba kwandiswe amaqembu okwamanje.
Related Topics: