Izindaba

OweMK uthi akayena umafikizolo kwezepolitiki

Sabelo Nsele|Published

UNOBHALA jikelele omusha weMK, uDkt Bongani Mncwango

Image: Facebook/ MK Party

UNOBHALA jikelele omusha weMK, uDkt Bongani Mncwango, uthi akasiyena umafikizolo kwezepolitiki. 

UMncwango uthe into eyenza ukuthi abantu abaningi bangamazi, wukuthi akasiyena unontandakubukwa.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva kokwethulwa kwakhe. 

UMncwango wethulwe ngokusemthethweni esithangamini nabezindaba, ebesingoLwesihlanu eGoli. 

UMncwango ungena esikhundleni esivuleke emva kokuxoshwa kukaMnuz Floyd Shivambu. 

Ungumuntu wesishiyagalombili ukubamba isikhundla sikanobhala jikelele kwiMK.

Usihlalo weMK, uMnuz Nkosinathi Nhleko, uthe uMncwango unesipiliyoni sokuphatha seminyaka engu-35.

UNhleko uthe uMncwango uke waba yisikhulu esiphezulu ezinhlanganweni iSanlam HealthCare neNetcare 911.

Nokho abantu abaphawulile bathe abamazeli lutho uMncwango kwezepolitiki.

Eziphendulela, uMncwango uthe uyisishoshovu esaziwayo kwezepolitiki.

"Ngike ngaba yisishoshovu ezinyunyaneni zabasebenzi. Ngike ngaba usomaqhinga ezinhlanganweni eziningi. Nayo iMK ngike ngayilekelela ukuqhamuka namaqhinga. wukuthi angisiyena umuntu othanda ukuzigqamisa yingakho kukhona abantu abathi abangazi. Ukuthi kukhona abantu abathi abangazi akusho ukuthi ngiwumafikizolo."

UMncwango uthembise ukubuyisa uzinzo kwiMK.

"Okwami wukuqinisekisa ukuthi inqola ayiphumi endleleni. Into ebalulekile wukubona iqembu likhula."

IMK iphinde yamemezela ukuxoshwa kukaShivambu.

UShivambu usezinhlelweni zokusungula iqembu elisha.

UNhleko uthe bambhalele uShivambu incwadi emazisa ngokuxoshwa kwakhe eqenjini.

"Sibonile ukuthi uhambe ekhuluma kabi ngeqembu. Ngeke sisamphendula ngenxa yokuthi sekuphelile obekusihlanganisile."

UShivambu uthe uyakwamukela ukuxoshwa kwakhe kwiMK, wathi ngeke asiphonsele inselelo isinqumo esithathwe wubuholi beqembu.

Uphinde wamemezela ukujoyinwa obeyiphini likanobhala jikelele weMK, uNksz Nombuso Mkhize.

UNksz Mkhize wethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, akucaci ukuthi ushiye nini kwiMK. IMK ayipholisanga maseko, yaqoka uNksz Nomsa Dlamini, njengephini likanobhala jikelele elisha.

IMK iphinde yamemezela ukuqokwa kobhekelele ukuhlela ukusebenza kweqembu, uMnuz Aleck Nkuna.

IMK ithe lezi zinguquko ezintsha zizolekelela emkhankasweni wayo wokhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.