IMEYA kaMasipala waseMpendle eyakhishwa esikhundleni ngenyanga eyedlule, uMnuz Buyisani Mlaba
Image: Sithunyelwe
LIYAQHUBEKA nokulenga ukhiye ihhovisi lemeya kuMasipala waseMpendle njengoba kusathombe ukhiye ezingxoxweni zokuqoka imeya entsha, ezovala isikhala esavuleka ngenyanga eyedlule.
Abe-ANC kuthiwa kabavumelani ngokufanele angene esikhundleni esavuleka emva kokuketulwa kukaMnuz Buyisani Mlaba, owakhishwa ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
I-ANC inezihlalo eziyisithupha kweziyishumi kuMasipala waseMpendle.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMlaba saphumelela ngenxa yokuthi amakhansela e-ANC awazange avote, okwenza ukuthi amakhansela amane amaqembu aphikisayo akwazi ukuqumba phansi uMlaba.
Umthombo weSolezwe uthe abaholi be-ANC kabavumelani ngokuthi ubani okufanele athathe isikhundla.
Amaqembu aphikisayo athe ukungaqokwa kwemeya entsha kuphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo.
Ikhansela le-IFP, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe ukungabi khona kwemeya kumise izinto eziningi ikakhulukazi njengoba lingekho iphini lemeya.
"I-ANC ayibakhathalele abantu. Ihhovisi lemeya likhulu kakhulu. Akufanele lihlale livaliwe. Umphakathi waseMpendle awuzitholi izidingo. Sekungaze kuphele izinyanga ezimbili ihhovisi lemeya livaliwe? Kuvalwe thaqa ehhovisi lemeya, abasebenzi bakhona balele."
UNgubane uthe njengoba ingekho imeya, imihlangano yamakomiti awumgogodla wokuphathwa komkhandlu, isigungu esiphezulu nelezezimali, ayihlali.
"Lokhu kwenza ukuthi nemihlangano yomkhandlu ingahlali ngoba kusuke kufanele ukuthi ibhunge imibiko eqhamuka kula makomiti."
UNgubane unxuse uMnyango wezekuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, ukuba ungenelele.
"Umthetho uthi imeya kufanele iqokwe emva kwezinsuku ezingu-14."
IKhansela le-EFF, uMnuz Sifiso Zuma, likhale ngombango wangaphakathi kwi-ANC elithe ubambezela izinhlelo zokuqokwa kwemeya entsha.
"Thina asinawo amandla, i-ANC inamakhansela amaningi. Asikwazi ukuhlangana ngaphandle kwamakhansela e-ANC. Njengamanje abavumi ukuba kubizwe umhlangano womkhandlu. Kubhajwe kubona, umdonsiswano ukwi-ANC. Bayabanga ukuthi ubani okufanele akhethwe abe imeya. Iphutha le-ANC."
Imenenja yomkhandlu, uMnuz Zakhele Tshabalala, ithe bona balinde i-ANC ukuba iqede izinhlelo zayo zokuqoka imeya entsha.
"Umkhandlu awungeni kakhulu lapha kodwa kusele ngaseqenjini lezepolitiki elithintekayo ukuba liphothule izinhlelo zalo."
UTshabalala uthe umkhandlu uyaqhubeka nokusebenza ngokwejwayelekile yize ingekho imeya.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaSotswebhu we-ANC, uMnuz Thabani Makhaye, kayizange iphumelele.
Ngesikhathi eshayelwa ucingo ngoLwesihlanu, wacela ukuthi athintwe izolo. Akazange alubambe ucingo ngesikhathi eseshayelwa.
Related Topics: