Izindaba

Imibuzo ngesakhiwo esisha eNyokeni kuthuthwa uMkhosi woMhlanga

Sabelo Nsele|Published

UNdlunkulu uSihle Mdhluli eMkhosini weSivivane obubanjelwe esigodlweni eMashobeni

Image: Facebook

UKUTHUTHELWA koMkhosi woMhlanga esigodlweni seSilo esisha, eMashobeni, sekususe imibuzo yokuthi kuzokwenzekani ngesakhiwo sezintombi esisha esidle izigidi zamaRandi esakhiwa eNyokeni.

ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, simemezele ukuthi yonke imikhosi emikhulu yesizwe isizokwenzela eMashobeni, eMpakama, oPhongolo.

Kule mikhosi kukhona nowoMhlanga obuhlezi ubanjelwa esigodlweni eNyokeni kule minyaka engu-40 eyedlule.

Uhulumeni wakha isakhiwo sezintombi sikaR154 million esigodlweni eNyokeni.

Inhloso yesakhiwo bekuwukunciphisa izindleko uma kunomkhosi njengoba besingeke sibe khona isidingo sokuqasha amatende uma sesiphothuliwe.

Bese kusele kancane ukuba siphothulwe isakhiwo njengoba izikhulu zikahulumeni zike zaya kosibhekana ezinyangeni ezimbili ezedlule.

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini simemezele ukuthi imikhosi yaseNdlunkulu isizokuba sesigodlweni esisha, eMashobeni

Image: Facebook

Kubukeka izintombi zingeke zisasisebenzisa isakhiwo kulandela isimemezelo esenziwe yiMbube, eMkhosini weSivivane.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, nokhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Ntando Mnyandu, banqabile ukuphawula ngesikhathi bebuzwa ukuthi kuzokwenzekani ngale sakhiwo njengoba kuthuthwa uMkhosi woMhlanga.

UMntwana uThulani uthe uzokhipha isitatimende emva kokukhuluma neSilo.

OMAMA beSivivane behambise umhlanga esigodlweni eMashobeni

Image: Facebook

UMnyandu yena uthe umnyango awukezukuphawula ngalolu daba.

IMbube ibeke uNdlunkulu omusha, uSihle Mdhluli, esigodlweni eMashobeni.

Kulesi sigodlo sekuke kwaba noMkhosi wokweShwama.

BEKUSHA ingoma eMkhosini weSivivane obubanjelwe esigodlweni eMashobeni

Image: Facebook

Akucaci ukuthi lisigodlo esisha sinazo yini izinsiza ezifanele umkhosi omkhulu njengowomhlanga.

Kube okokuqala ngqa emlandweni, uMkhosi weSivivane ubanjelwa eMashobeni.

IMbube ithe uZulu kufanele amukele ukuthi yonke imikhosi isizokwenziwa eMashobeni.

"Ngiyazi ukuthi sonke besesijwayele ukuthi yonke imicimbi ibanjelwa esigodlweni eNyokeni, kodwa-ke sesiyokhalela ngaphakathi ngoba isiko yilona elisikhombayo ukuthi yini okufanele yenzeke.

"UMkhosi wokweShwama ubanjelwe khona lapha. Lowo ngumkhosi owandulela yonke imikhosi yasendlunkulu. Njengoba owanamuhla ulapha nawo. UMkhosi woMhlanga owandulelwa ngowasesigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, nawo uzobanjelwa khona lapha eMashobeni. Lesi yisigodlo sikandlunkulu wami uMaMdhluli."

Ungoti wezamasiko uthe kuthusile ukuthuthwa komsamo kaZulu ngenxa yokuthi bese kujwayeleke ukuthi umsamo useNyokeni.

USolwazi Sihawu Ngubane, waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal,  uthe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, asizange siwususe umsamo eNyokeni ngesikhathi sibusa.

"Saqhubeka nokuya eNyonkeni yize sabe sinesigodlo saso KwaKhangelamankengane, sesiphumile kwaKhethomthandayo. Siyathuka sonke ngoba bese sijwayele eNyokeni."

UNgubane uthe akukho okuphambene nesiko uma iSilo sinquma ukuthutha umsamo.

"Ukususwa komsamo kuyabikwa. Kufana nokulanda umuntu oshonile. Uyabika. Nawo amakhosi amadala ayimimoya, ayalandwa. Namakhosi amadala akhothamela ezintabeni, njengoCetshwayo, alandwa."