UTUTU Puoane uzonandisa e-UKZN Centre For Jazz and Popular Music eHoward College, eThekwini, ngoLwesithathu
Image: SITHUNYELWE
UMZWILILI we-jazz odabuka ePitoli kodwa osuzinze eBelgium, uTutu Puoane, unochungechunge lwamakhonsathi azobe ekhangisa kuwo nge-double album yakhe esihloko sithi Wrapped In Rhythm emadolobheni akuleli kule nyaacvnga.
UTutu uthe wafakelwa ugqozi incwadi yezinkondlo yembongi uLebo Mashile esihloko sithi In A Ribbon of Rhythm, ayehlale eyifake ekhwapheni cishe iminyaka elishumi yonke.
Uthe okwakumchaza ngezinkondlo zikaLebo zazidingida kabanzi ngamaqiniso emhlabeni athinta owesifazane omnyama waseNingizimu Afrika emuva kokuphela kobandlululo. Lezi zinkondlo zamthinta kangangoba wayethi uma ezifunda, ezwe umculo.
"Ngiyakhumbula ukuthi lalingithinta kanjani emphefumulweni iqoqo lezinkondlo elaliqukethwe yi-In Ribbon of Rhythm. Ngangihlale ngithola izinto ngezwe lami okwakunzima ukuzichaza. Kwakuyinto engajwayelekile ukuthi emuva kweminyaka ngahamba ekhaya kodwa kunento esangixhumanisa nezwe nabantu. Izinkondlo zikaLebo zangisiza ukuba ngikwazi ukusho izinto engangingeke ngizisho mina."
UTutu uthe wahlangana noLebo eGoli, ngo-2014.
"Ngamtshela ukuthi umsebenzi wakhe ungihlabe kanjani umxhwele. Wabe esengipha ikhophi yencwadi yakhe futhi wangibusisa ngokungivumela ukuba ngiqhubeke nokucula amazwi akhe. Waba nomusa, uthando nemfudumulo futhi washesha wabona kuwumqondo omuhle. Wayithanda inkondlo yakhe yokuqala engayiqopha kwenye yama-albhamu, ngakho wawumukela umbono wokuba ngenze wonke umsebenzi womculo ngezinkondlo zakhe."
UTutu wabe esebhala iqoqo lezingoma azisusele ezinkondlweni azithanda zikaLebo, okwenza kwaphuma unqambothi lwe-double album esihloko sithi Wrapped In Rhythm, ingxenye yokuqala ephume ngoMashi 2024, asebenze kuyo nengwazi yomculi enguphrojusa waseMelika, uLarry Klein.
Ngo-Agasti 2024, leli cwecwe lihlabane ngemklomelo emithathu kumaSouth African Jazz Awards, emunxeni weBest Female Artist, Best International Jazz Album noweBest Contemporary Jazz Album. Ekhuluma ngalolu chungechunge lwamakhonsathi, uTutu unxuse abantu bakuleli ukuba bafike ngobuningi babo ngoba bazobhema bakholwe.
"Ngingathanda abantu abazofika bahlale phansi, bacishe amafoni bese bephuza kula mazwi (kaLebo) nasemculweni. Ngizozidlala nezinye izingoma ezindala kodwa yithuba lokuba abantu baseNingizimu Afrika bazwe umlingo womsebenzi kaLebo Mashile othi In A Ribbon Of Rhythm."
UTutu uqale ukunandisa eMarket Theatre eGoli, ngoLwesihlanu, wase edlulela eState Theatre ePitoli, namhlanje, e-UKZN Jazz Centre, eThekwini ngoLwesithathu, adlulele eYoungblood Gallery eCape Town ngoLwesihlanu, eGuga S'thebe eCape Town, ngeSonto elizayo, bese imbenge eyisonga eThe One Room eGqeberha, ngo-Agasti 15.
Kula makhonsathi uzobe ephelezelwa ngu-Ewout Pierreux.