Izindaba

Umkhuleko ngezingozi ezashiya izintandane nabafelokazi

Nokubongwa Phenyane|Published

UMPHAKATHI obuhlanganisa amakholwa nabafelokazi abashiywa abayeni babo ezingozini zomgwaqo ezenzeka ngaphansi koMasipala waseBaqulusini

Image: Sithunyelwe

IZINGOZI zomgwaqo ezilokhu zenzeka ngaphansi koMasipala waseBaqulusini naseZululand, ziphoqe ukuthi kubanjwe umkhuleko ozovala lesi sihlava esesishiye imindeni eminingi inezintandane nabafelokazi.

NgoLwesihlanu, le mikhandlu yomibili yenze umkhuleko eCecil Emmet, eVryheid, ngenjongo yokuphebeza lo mshophi.

Lo mkhuleko wenzelwe eVryheid ngoba zombili izingozi zakamuva zenzeke ngaphansi kwalo masipala.

Muva nje, izingozi ezithinta ukushona kwamalungu ahlukene amaqembu epolitiki athinte abaningi.

Ukushona kwamalungu e-IFP ngonyaka odlule nawe-EFF bonke besuka eThekwini - emibuthanweni yamaqembu - yikhona okwenze ukuthi kusukunyelwe lezi zingozi.

Abafelokazi abakhulume neSolezwe baveze ukuthi selokhu bashonelwa abayeni babo impilo ayiphindanga yafana nasekuqaleni.

UNkk Magret Nkosi uveze ukuthi impilo inzima njengoba kungajwayeleki ukuthi ashiywe umyeni owamshiya nezingane ezincane.

“Umyeni wami udlule engozini yomgwaqo eyenzeka ngo-2022, nokuyinto eyaba nzima kimi nomndeni wami ngoba singayilindele. Kodwa ukubona kwenziwa imikhuleko yalolu hlobo kuyasiduduza ezinhliziyweni ngoba akulula ukudlulelwa umuntu engozini engagulanga ndawo. Siyacela ukuthi kulungiswe imigwaqo futhi kuphindwe kuhlonishwe imiyalelo yemigwaqo ukugwema izingozi zalolu hlobo,” kuchaza uNkk Nkosi.

UNkk Ncamisile Buthelezi uthe wayesemncane eshonelwa ngumyeni wakhe engozini yemoto futhi akwangaba lula ukubhekana naleso simo.

“Ngaphenduka ngaba ubaba nomama ezinganeni zami, kwaba isimo esingekho lula kodwa ukukhuthazwa abantu abahlukahlukene kwangenza ngazifanisa nabanye impilo yaqhubeka yaya phambili. Siyabonga kuzona zombili izimeya ngokwenza umkhuleko walolu hlobo ufike wathinta izinto eziningi ezinhliziyweni,” kusho uNkk Buthelezi.

UMfundisi Canon Mbatha uveze ukuthi imigwaqo yakuleli isifana nomfula ongashi wegazi nokudingeka ukuthi abawusebenzisayo bawusebenzise ngokucophelela.

Uthe akuthandile ukuthi kuqoqwe abafelokazi abavelelwa umshophi, nabathemba ukuthi ngokuhlangana kwabo basizakele.

IMeya yaseBaqulusini, uMnuz Sifiso Mkhwanazi, ithe bese sifikile isikhathi sokuthi kusukunyelwe izingozi ezenzeka kule ndawo nesezibashayisa ngovalo muva nje.

“Inkinga lena esibhekene nayo yokuthi kube khona izingozi zalolu hlobo ezisondelene nathi kangaka. Emkhulekweni wanamhlanje sithe ake sibize omama abashiywa ngabayeni babo sizobakhulekela sibacelele ukuthula enhliziyweni kulesi simo ababhekana naso. Sizobalekelela ngezinto ezihlukene ezithinta izikweletu abasala nazo kanjalo nendlela yokuthi bathole imali yesinxephezelo ngokwenzeka emindenini yabo,” kusho uMkhwanazi.

UMnuz Micheal Khumlo oyiMeya yaseZululand, uthe sesifikile isikhathi sokuthi bahlangane beyizinhlangano ezihlukene bakhulekele lezi zingozi.

Uthe sebeyesaba ngisho ukuqasha amabhasi namatekisi ukusa abantu emicimbini ehlukene ngoba abazi kuzokwenzakalani.