Izindaba

Kutitinywe amadoda abemba ngokungemthetho emathuneni

Nokubongwa Phenyane|Published

KUSUKE esinamathambo umphakathi waseGolokodo, ngaseFolweni, uthelwa ngezibonkolo ufuna ukushisa ngamathayi abathathu ababanjwe oqotsheni bemba ngokungemthetho amathuna asavalwa endaweni. Lapha bese begqitshiswa wumphakathi omunye wemigodi Isithombe: SITHUNYELWE

Image: SITHUNYELWE

ATITINYWE wumphakathi amadoda abemba imigodi emisha phezu kwamathuna asavalwa  aseMishini yebandla i-UCC SA, aphakathi kwaseGolokodo naseFolweni, eThekwini.

Umkhuba wokumbiwa kwamathuna okuthiwa abethengiswa ngokungemthetho kuthiwa kade waqala futhi kunokudideka ukuthi wenziwa ngobani.

Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe, uMnuz Yeke Khwela, liveze ukuthi bekubathusa obekwenzeka njengoba la mathuna ebengasasebenzi, kodwa ekugcineni balithola iqiniso ngokungcwaba kwabantu bephindelela kuwo.

"Ngesikhathi iqala le nto thina sasicabanga ukuthi kungenzeka kube yimindeni yabantu ababefihle kula mathuna kudala, manje bayaqhubeka nokuzofihla kuwo - njengoba kuvumelekile ukungcwatshwa komuntu phezu komunye uma sekuphele iminyaka engu-10. Kuthe uma sesiphenya kahle sathola ukuthi laba abantu abayizigebengu basebenzisana nomunye umuntu ongumngcwabi onamakhaza futhi badayisa imigodi ngokungemthetho," kusho uKhwela owusibonda esizweni sakwaMakhanya.

Uthe kudala kule ndawo imigodi yayibiza u-R30 ukuze kuholelwe labo abawagadayo amathuna baphinde bawahlanze kodwa laba bakamuva bebewubiza u-R-2 500 umgodi.

"Siqonde kubo ngoLwesihlanu sababuza ukuthi benzani ngoba bebemba. Bashone ezintangeni. Imigodi esiyificile kube emithathu yabantu abadala nemihlanu yezingane, okusho ukuthi bebezofihlwa ngempelasonto. Esilwa nakho wukuthi asisafuni kungcwatshwe abantu kule ndawo ngoba yavalwa kudala, ngisho ibandla alisangcwabi kuyona," kusho yena.

Uthe amadoda abawaficile ematasa emba imigodi abengaphelele kodwa laba abebekhona babatitinye ngenduku njengoba ngisho imali abebeyikhokhelwe ngokuthi bambe imigodi bebeyiphethe.

Uthe bathole ukuthi kunabantu abathathu abangobhongoza kulo mkhuba okuyibo abaqasha abantu abamba imigodi. Uthe ababili besilisa noyedwa wesifazane. Uveze ukuthi emasontweni amathathu adlule bathole ukuthi bese bedayisa nomhlaba osegcekeni lesonto ngqo, okuthe uma abesonto bebuza ngakho bahlaselwa amadoda abehlome ngezibhamu.

Uveze ukuthi bawabizile amaphoyisa kodwa bona bengumphakathi abalivulanga icala ngakho abazi ukuthi abasolwa bazothweswa yini amacala ngokusemthethweni.

Uthe bashiyele emaphoyiseni ukuthi abone ukuthi enzani ngabo kwazise bona njengabaholi banqande umphakathi usufuna bashiswe ngamathayi.

"Njengobuholi bendawo besingeke sivume ukuthi kwenzeke into enjalo yokuthi kushiswe abantu. Yingakho sikhethe ukuthi sibanikele ezandleni zamaphoyisa yize bucika ubugebengu abebebenza ngoba bebemba amathuna abantu bethi akungcwatshwe phezu kwawo. Asazi ukuthi bebenzenjani uma behlangana nebhokisi okanye amathambo omunye umuntu owafihlwa kule ndawo."

Ugcizelele ukuthi bakhona nabanye abasazobabamba abebengekho.

Uthe bafuna ukuthi bavele nabantu abangcwabe izihlobo zabo kula mathuna bedayiselwa imigodi yizigilamkhuba.

NgoMgqibelo ekuseni bekuvele ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi sekubanjwe abantu abambe izidumbu zabantu kula mathuna nokho okubuye kwavela ukuthi akulona iqiniso. 

Kwenzeka lokhu nje, kuyaziwa ukuthi kunenkinga yokuntuleka kwezindawo zokungcwaba eThekwini namaphethelo okukholakala ukuthi sekuvule intuba yokuzinothisa ebantwini abangamathamelangozi.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lisiqinisekisile isigameko sokubanjwa kwabebemba amathuna, lathi umphakathi ubagqibisile imigodi abese beyimbile.