UMENGAMELI Cyril Ramaphosa nowaseMelika uDonald Trump
Image: AFP
KUHLULE ngisho uMengameli Cyril Ramaphosa esezikhalela kuMengameli waseMelika uDonald Trump, ukuba kumiswe ukusebenza kwentela ka-30% eyengezwa emikhiqizweni yakuleli ethunyelwa eMelika.
Intela entsha okuthiwa izoshaya kuzwele ezinkampanini zakuleli ezihwebelana neMelika, iqale ukusebenza namhlanje.
URamaphosa ushayele uTrump ucingo ngaphambi kokuqala kokusebenza kwentela ngenxa yokungabi khona kwenqubekela phambili ezingxoxweni zala mazwe ngalolu daba.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe asikho isivumelwano okufinyelelwe kuso kulo mhlangano.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba lapho ebethula izinqumo ezithathwe emhlanganweni weKhabhinethi.
"Inhloso enkulu kaRamaphosa yokufonela uTrump bekuyikho nje ukwelekelela ithimba lakuleli eliqhuba izingxoxo nelaseMelika. URamaphosa uzoqhubeka nokwelekelela ithimba elihola izingxoxo. Asikho ke isivumelwano abebengasenza ocingweni, ithimba kufanele liqhubeke nezingxoxo."
UNksz Ntshavheni uthe abakalilahli ithemba lokuba la mazwe azogcina efinyelelile esivumelwaneni.
"IKhabhinethi inxuse uhulumeni ukuba aqhubeke nokuzama ukuthola isisombululo. Kufanele ziqhubeke izingxoxo zamazwe omabili."
UNksz Ntshavheni uthe intela entsha izokhahlameza kakhulu ezolimo nezinkampani ezikhiqiza impahla yezimoto.
Uthe baqhamuka namaqhinga okuthumela impahla yakuleli kwamanye amazwe ukuze izinkampani zingeke zithembele kwiMelika.
"Kufanele sizame ukusabalalisa imikhiqizo yethu kwamanye amazwe. Kufanele sithumele imikhiqizo e-Asia, Europe, naseMiddle East. Sizokwelekelela izinkampani ukuba zikwazi ukuthumela imikhiqizo yazo kwamanye amazwe."
UNksz Ntshavheni uthe bazokuba nezinhlelo zokweseka izinkampani ezizothikanyezwa intela entsha.
Ukusebenza kwentela entsha kubeka engcupheni imisebenzi engu-30 000.
UNksz Ntshavheni uthe bazoqhamuka nezinhlelo zokuvikela imisebenzi ingalahleki.
"Sizokugwema ukulahleka kwemisebenzi. Siyazi ukuthi isimo somnotho asisihle, baningi abantu abangasebenzi. Ingakho sizolwela ukuthi kungabi khona abantu abazolahlekelwa imisebenzi ngenxa yalentela."
Akuyona iNingizimu Afrika kuphela ebhekene nolaka lweMelika njengoba nezinkampani zakwamanye amazwe, zizokhokha intela uma zithumela imikhiqizo eMelika.
Omakhelwane beNingizimu Afrika bakwazile ukuzikhalela kwiMelika, behliselwa intela.
ISwatini, esanda kwamukela izigebengu eziyingozi ezisuka emajele aseMelika, yehliselwe intela ngo-10%.
Izinkampani zaseLesotho zona sezizokhokha intela ka-10% esikhundleni sika-50% owawumenyezelwe uTrump ekuqaleni.
Related Topics: