Izindaba

Ikhuthaze abaningi intokazi yaseHluhluwe ngerobhothi u-Iris #Imbokodo #Intandokazi

Charles Khuzwayo|Published

UNKSZ Thandoh Gumede uzokwethula irobhothi alikhandile i-Iris

Image: SITHUNYELWE

INTOKAZI yaKwaMnqobokazi, eHluhluwe, uNksz Thandoh BS Gumede, izokwethula irobhothi elakhele ukufukula intsha yasezindweni ebezincishwe amathuba ngaphambili. UNksz Gumede (31) uthe leli robhothi elibizwa ngo-Iris lizokwethulwa eDurban Golf Club (DGC) ngo-Agasti 19 ngo-6 ebusuku.

"Lo mcimbi kulindeleke ukuba ube yingqophamlando ngenxa yokuthi uzobe uhanjelwe ngabantu abamqoka okubalwa kubo iPhini likaNgqongqoshe uNomalungelo Gina, uMphathiswa wezeMfundo nowezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, nabazobe bemele uhulumeni waseBotswana."

Uthe u-Iris yirobhothi elithuthukiswe yinkampani iBSG Technologies kaNksz Gumede ngenhloso yokufukula imfundo yabantwana abasukela kuGrade R kuya ezikhungweni zemfundo ephakeme. "Leli robhothi lisebenzisa izilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni kuleli. Lakhiwe ngenhloso yokucija abafundi ukuze behlale besemgangathweni futhi bakwazi ukuba sezingeni elilinganayo nozakwabo bakwamanye amazwe."

Uthe uyakholelwa ukuthi yonke ingane iyakudinga ukunikezwa imfundo eseqophelweni eliphezulu nezoyenza iqasheke.

"Ngakho u-Iris uzofeza lelo phupho."

Yize esemncane ngeminyaka kodwa uNksz Gumede usungule isikole samabanga aphansi esifundisa izingane zasemakhaya ngeSayensi, ezobuchwepheshe, ezobunjiniyela, coding and robotics. Isikole sokuqala esizimele esisendaweni yasemakhaya esigxile kulo mkhakha.

Uthe inhlosongqangi ngeBSG and Technologies Combined Primary ukuhlinzeka abafundi nge-4th Industrial Revolution ngenhloso yokuthi bengaphuthelwa ngamathuba emisebenzi. Nakuba okwamanje lesi sikole sisaqala kwaGrade RR sigcine kuGrade 9 kodwa uphokophele ukuba sigcine kuGrade 12 ngo-2026 futhi sibe yi-boarding school.

UNksz Gumede yintokazi esebenza ngokukhulu ukuzikhandla njengoba ike yaqwaqwada zonke izintokazi zase-Afrika emqhudelwaneni iMiss Dot Afrika, kudliwana imilala ngezobuchwepheshe. Waba kwi-Top 50 kwiLadies of Liberty Programme eyamenza ayocobelele ulwazi eDubai. Njengamanje unguMiss Tech Universe ka-2024/25, okuyisicoco asinqoba eThailand nyakenye. 

UNksz Gumede wafunda amabanga aphansi KwaMnqobokazi Primary, wadlulela KwaGiba High, okuyizikole ezisendaweni. Abazali bakhe bebengasebenzi okwenza kwabanzima kakhulu, lokho kukodwa kwamenza wanesifiso sokukhula elekelele kulesi simo sakubo.

"Ngenza izifundo zeSayensi esikoleni samabanga aphezulu, ngaqhubekela e-University of Zululand lapho ngenza khona izifundo zeBSc Microbiology neHydrology. Ukwenza lezi zifundo kwenza ngathola ukuthi likhulu igebe ezindaweni zasemakhaya, ikakhulukazi uma sekumele  lapho sekumele senze ama-experiments khona. E-labolatory kwakumele ngiqale kabusha ukwazi izinsiza kusebenza njengoba ezikoleni zethu sasinganawo ama-laboratory." kusho uNksz Gumede oyingane yesine kaMnuz Bongani Gumede noNkk Nomthandazo Gumede. Izikole ezidinga ukummema nerobhothi lakhe zingamthinta ku-/[email protected]