YINGXENYE yabesilisa ebihambele imbizo yamadoda ebisehholo lomphakathi waseCool Air eMgungundlovu
Image: SITHUNYELWE
AMADODA anxuswe ukuba akhulise ngendlela abafana ukuze bakwazi ukunakekela abantu besifazane. Leli khwela lishaywe yiMeya yaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi embuthanweni wokucija amadoda obubanjelwe ehholo lomphakathi waseCool Air, eMgungundlovu ngoLwesine.
UZondi uthe abafana kufanele bakhuliswe ngendlela ukuze bayeke ukucekela phansi ikusasa lamantombazane nokubhabhabala nawo maqede bawalaxaze nezingane. Uthe ukholelwa ukuthi umfana khuliswe ngendlela akasoze amhlukumeza noma amcekela phansi umuntu wesifazane kodwa kunalokho uyamnakekela.
Abesilisa ebebehambele le mbizo babuyele emakhaya sebengamadoda aqotho ngenxa yeziyalo abazithole kwizingcithabuchopho ezihlukahlukene ebezimele izinhlaka eziningi zikaHulumeni ezisebenzisana nomphakathi, okubalwa kuzo umbutho wamaphoyisa, abakwaSassa, uMnyango weziNdaba zaseKhaya, uMnyango wezeMpilo, uMnyango wamaJele, Uphiko olenza ucwaningo, uMnyango wezeMfundo, uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi namakhansela angaphansi kukaMasipala waseMshwathi. Namakhosi akhele izindawo zaseMshwathi kanye nomphakathi obuqhamuka kuwona wonke amawadi aseMshwathi, bebekhona ukuzoba iqhaza ekufukulweni ngolwazi kwamadoda.
Iminyango yonke beyidingida namadoda ngezinselelo ezibhekana nawo. Akugcinanga lapho kodwa kubuye kwaqhamuka nezisombululo zokuxazulula izinkinga ezibhekene namadoda. Esephetha uZondi unxuse amadoda ukuba aqinise kakhulu ekuvikeleni abantu besifazane nezingane futhi agxile nasezinhlelweni zokwakha isizwe.
IMEYA yaseMshwathi uMnuz Mandla Zondi ekhuluma kwimbizo yamadoda eCool Air eMgungundlovu
Image: SITHUNYELWE