Izindaba

Sikhungathekile isizwe senkosi eboshelwe elokubulala

Sabelo Nsele|Published

Inkosi simphiwe erick zuma

Image: Facebook

KUSHUBILE esizweni sakwaNxamalala, eMpendle, kulandela ukuboshelwa icala lokubulala kwenkosi yesizwe obekungakapheli sikhathi esingakanani ikhishwe ngebheyili kwelinye icala lokubulala.

Selokhu kuphinde kwaboshwa Inkosi uSimphiwe Eric Zuma, ayicaci kahle indlela eya phambili njengoba kubhuntshe nomhlangano obubizelwe ukuzobhunga ngalolu daba.

Umzamo wokubiza umhlangano wokubhunga ngalolu daba wachithwa emva kokuba kube khona abavukele undunankulu wesizwe, uMnuz Tallman Zuma, befuna ukuthi axoshelwe ukubiza umhlangano uZuma engekho.

UZuma (Inkosi) uboshelwe icala lokubulala ikhansela eliwumshana wakhe, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.

Abaholi bomphakathi bathe bakhathazekile ngokuboshwa kukaZuma abathe kudala ukudideka emphakathini.

UZuma uzovela eNkantolo yeMantshi eHowick ngoLwesihlanu, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

UZuma uboshwa nje ubengaphandle ngebheyili ka-R25 000 ecaleni lokubulala undunankulu wesizwe, uMnuz Qalokunye Zuma.

UZuma uyena nkosi enomhlaba omkhulu eMpendle njengoba indawo yakhe ize iphele eMpophomeni, eHowick.

Undunankulu wesizwe, uMnuz Tallman Zuma, uthe kukhulu ukukhathazeka esizweni njengoba inkosi iboshiwe.

"Ukhungathekile umkhandlu kodwa ke silindile njengoba icala lisazoqulwa enkantolo. Nakuba singakaluhlaleli phansi udaba kodwa ke uma uhamba ukhuluma nabantu esizweni, uyezwa ukuthi kukhulu ukukhathazeka."

UTallman uthe nakuba uZuma engekho umkhandlu uyaqhubeka nokusebenza.

"Imikhandlu iyakwazi ukuqhubeka isebenze noma inkosi ingekho. Vele amakhosi awakwazi ukuhambela yonke imihlangano yemikhandlu ngenxa yokuba matasa."

UTallman uthe wazama ukubiza umhlangano wokubhunga ngalolu daba ngesikhathi uZuma eboshelwe icala lokuqala.

Eqhuba uthe umhlangano wagcina ubhuntsha ngenxa yokuthi kwaba khona abakhalayo, bethi akakwazi ukubiza umhlangano inkosi ingekho.

Uthe inhloso yomhlangano kwabe kuwukuzogqugquzela ukuthula esizweni.

"Uma uzokhumbula undunankulu (owabulawa) owakwaZuma, nenkosi eyakwaZuma. Kwakubalulekile ukuthi kungasuki impi kube khona abaxhasa inkosi, nabaxhasa umndeni kandunankulu. Ngangivimba lokho. Ngangizama ukuvimba impi. Ngenhlanhla bangizwa  abashonelwe."

Ikhansela lasendaweni, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe sikhulu isizungu emphakathini.

"Njengekhansela lendawo ngiyabona ukuthi kukhona okukhungethe isizwe samaNxamalala ngokuboshwa kwenkosi. Sinxusa umphakathi ukuthi ubeke amaphaphu phansi, uvumele amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo. Ngiyazi ukuthi kuba kuningi ukudideka uma inkosi ingekho. Abantu bakhuluma izinto ezahlukene. Nginxusa abantu ukuthi bangadideki. Abalinde inkantolo. Iqiniso wukuthi inkosi iwumsolwa, asikho isinqumo esesithathwe yinkantolo."