Izindaba

AbaseBergville bazozitika ngowabesifazane

Charles Khuzwayo|Published

DJ HLO

Image: SIGCINIWE

ABESIFAZANE basendaweni yaseBergville bazobhema bakholwe emcimbini abahlelelwe wona eMarondweni, eNala Square, eRockdale ngo-Agasti 9 kusukela ngo-12 emini. KwiDoek & Denim Comedy Picnic kuboshelwe namaciko namaciko anohlonze.

Kuwona kubalwa uHlosiwe "DJ Hlo" Mthalane owaba nguDJ wesifazane wokuqala ukuhlukanisa unyaka oKhozini ngengoma eyayithi Isibani. Kusukela lapho akabange esabheka emuva njengoba egcine esehlabana ngendondo yeBest Female DJ kumaShining Star Africa Awards aseNigeria futhi waqokwa kumaZikomo Africa Awards eZambia.

Omunye uDJ oke washisa yizikhotha nguGoldmax wodumo kwiDestruction Boys eyake yashisa izikhotha ngo-2017 ngenoni elalithi Omunye Phezu Komunye, Shut Up & Groove nelithi Madness. Abanye abazobe besina bededelana kulo mcimbi ngoDJ Sdoko, Amawele AseChesterville, Mcypo, Dela, Da Soul, Nguren, Sticks, Segza, Mlele, Cutter, Amstel, Saphikza, SMC, Mr Lonlee RSA, Bar,Da Moose, Bobzin, New Wave nabanye.

Abazobe bephethe uhlelo wuThobeka Khumalo, Sgxobo, Makhosi Khumalo, Nqobile Mabizela noFats. Umgqugquzeli walo mcimbi   uLethu Ndlovu uthe inhlosongqangi ngalo mcimbi   ukubungaza abantu besifazane, njengoba iBergville kuyindawo yasemakhaya.

"Eminyakeni eyedlule abantu besifazane babecindizelekile bengakwazi ukwenza izinto ngokukhululeka futhi bethwalwa ngamadoda. Lomcimbi wenza bakwazi ukuziqhenya ngokuba imbokodo selokhu bezimele futhi nasemsebenzini sebekwazi ukuthola izikhundla eziphezulu," kuphetha uLethu.

Esephetha unxuse abazohambela lomcimbi ukuba baswenke nge-denim, umbala omhlophe ohambisana nombala omncane o-orange. 

THOBEKA KHUMALO

Image: SIGCINIWE