Umengameli wase-USA uDonald Trump
Image: Peter Zay / AFP
UHULUMENI waseNingizimu Afrika usemizamweni yokugcina yokuvimba intela ezofakwa empahleni yakuleli ethunyelwa eMelika.
Intela ka-30% ezofaka emkhiqizweni yakuleli engena eMelika, izoqala ukusebenza ngoLwesihlanu.
Le ntela iyingxenye yesijeso sikaMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, ongeneme ngezinqumo ezithathwa wuhulumeni wakuleli.
UNgqongqoshe wezoBudlelwano naMazwe aNgaphandle, uMnuz Ronald Lamola, uthe bayaqhubeka nezingxoxo zokuzama ukuvimba intela.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
ULamola uthe uhulumeni wakuleli angeke uziphindiselele ngokufaka intela empahleni yaseMelika engena kuleli.
"Ukungaziphindiseleli kwethu akufanele kubonwe njengobugwala. Uma singase sithi akube iso ngeso, kuningi okungonakala emhlabeni. Impi yezomnotho engaqubuka lapho ingachaphazela abantu abaningi abangenacala. Ingakho sikhethe ukuqhubeka nezingxoxo."
ULamola uthe izingxoxo neMelika ziphazanyiswe yizinhlangano zakuleli ezinyudela uhulumeni eMelika.
ULamola akazange azigagule ngamagama izinhlangano kodwa kubukeka sengathi ubebhekise kwiDA, AfriForum neSolidarity.
Lezi zinhlangano sezike zathumela amathimba azo eMelika, lapho zafike zakhala ngeminye yemithetho eshaywa kuleli.
"Selokhu ungenile uhulumeni okhona, miningi imizamo esiyenzile yokubuyisana neMelika. Inkinga ekhona ukuthi kukhona izinhlangano zakuleli ezisikhuluma kabi kuhulumeni waseMelika. Lokhu kwenza ukuthi nabo abaphethe uhulumeni waseMelika begcine bengasazi ukuthi kufanele bakholwe bani.
"Okubi ukuthi enye inhlangano ekhuluma kabi uhulumeni wakuleli iyingxenye yohulumeni wokubambisana. Singajabula uma bonke abantu bakuleli bengakhuluma kahle ngezwe labo ikakhulukazi uma bekhuluma nabantu bangaphandle."
UNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uMnuz Parks Tau, uthe izisebenzi ezingephezu kuka-30 000 zisengcupheni yokulahlekelwa imisebenzi ngenxa yentela entsha.
Izimboni ezizoshayeka kakhulu ezolimo, ezezimoto kanye nemikhiqizo yendwangu.
UTau uthe banezinhlelo zokweseka izinkampani zakuleli ezizochaphazelwa intela entsha, wathi bafuna ukuthi intela yaseMelika ingakhinyabezi umnotho wakuleli.
Ebhala encwadini yakhe yamasonto onke, uRamaphosa uthe osomabhizinisi bakuleli kufanele bangenise kwamanye amazwe.
"Kulezi zinyanga ezizayo sizoqala umbhidlangano wokuhwebelana namanye amazwe ukuze izinkampani zakuleli zingeke zishode ngezindawo lapho zizothumela khona imikhiqizo."
URamaphosa uthe elakuleli lizoqhubeka nokuxoxa nelaseMelika njengoba ethe ubudlelwano buhlomulisa womabili amazwe.
Related Topics: