IMENENJA entsha kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Felani Mndebele
Image: Facebook/Msunduzi Municipality
ITHEMBISE ukushintsha izinto imenenja entsha kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Felani Mndebele, eyethulwe ngokusemthethweni, ngoLwesihlanu.
UMndebele uthembise ukusebenza ngokwethembeka nokukuqapha ngeso lokhozi ukusetshenziswa kwemali yomphakathi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba.
UMndebele uthatha isikhundla ebese sihlale cishe unyaka singenamuntu kulandela ukuxoshwa kobeyimenenja yomkhandlu, uMnuz Lulamile Mapholoba.
UMndebele akamusha kulo mkhandlu. Ngaphambi kokuqokelwa esikhundleni esisha ubejutshwe wuMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukuba ayoqapha isimo.
UMndebele uthe kunezinto afike wazibona ngesikhathi ejutshwe kulo mkhandlu afuna ukuzilungisa.
UMndebele ukhale ngokuthi lo mkhandlu uyahluleka wukusebenzisa imali yezibonelelo oyithola kuhulumeni kazwelonke, nokwenza ukuthi imali igcine iphindela emumva.
"Inhloso yami wukuthi siyisebenzise imali esisuke siyabelwe ngoba isuke ihambisana nemibandela. Onyakeni odlule wezimali umkhandlu usebenzise u-83% wezibonelelo. Phambilini umasipala uhlulekile wukusebenzisa yonke imali obuyabelwe. Njengamanje sesibhale izicelo lapho sicela khona ukuba singaphucwa imali esihlulekile wukuyisebenzisa."
UMndebele uthe uzoqinisekisa ukuphathwa kahle kwemali yomkhandlu.
"Kunemithetho ebekelwe ukusetshenziswa kwemali yomkhandlu. Le mithetho ibeka imigudu okufanele ilandelwe uma kusetshenziswa imali noma kukhishwa amathenda. Sizoyilandela yonke imithetho ukuze siqinisekise ukuthi iphathwa ngendlela imali yomkhandlu."
UMndebele uthe uzobeka eqhulwini ukuhanjiswa kwezidingo, wathi abantu baseMsunduzi bazokwaziswa uma kuphazamiseka ukuhanjiswa kwezidingo ezifana namanzi nogesi.
IMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ithe ukuqashwa kukaMndebele kuyigxathu elibalulekile.
"Okuhle wukuthi uMndebele akamusha lapha eMsunduzi njengoba ekade ejutshwe wuMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Izinto azibonile ngesikhathi ejutshiwe zizomlekelela kakhulu kule sikhundla esisha aqokelwe kuso. UMndebele unesipiliyoni ekuphathweni komasipala. Isipiliyoni sakhe sizolekelela kakhulu embhidlangweni wethu wokuqinisekisa ukuphathwa kahle kwemali yomkhandlu, ukuhanjiswa kwezidingo kanye nokubuyisa ukwethenjwa ngabantu."
UMndebele uke waba yimenenja kaMasipala iGovan Mbeki, esifundazweni i-Eastern Cape.
Related Topics: