BAVALE imigwaqo abantu bakwaSithole, eDundee, abakhala ngamanzi
Image: Sithunyelwe
ZITHI sezize zagugelwa amaphakethe zithenga amanzi izakhamuzi zakwaSithole, eDundee, ezithi sekuphele isikhathi esingaphezu kwenyanga zingawatholi amanzi.
Izakhamuzi zakule ndawo zivuke umbhejazane zavala imigwaqo.
Zithe abanompompi nabangenabo bayazifanele nje nabo njengoba zithe azisazi nokuthi ayegcine nini ukuphuma amanzi kompompi.
Lezi zakhamuzi zisabise ngokuvala imigwaqo kuze kuba uMasipala wesifunda uMzinyathi uxazulula inkinga yamanzi.
Indawo yabo ingaphandle kancane kwedolobha iDundee, lapho kuzinze khona uMasipala wesifunda uMzinyathi.
Omunye wababhikishi, uNkk Khethiwe Khumalo, uthe sekunesikhathi eside umasipala ungazithumeli izimoto zamanzi.
"Kukhona abantu abangenabo vele ompompi. Nakulabo abanompompi amanzi kade agcina ukuphuma. Kuyenzeka nje aphume ngaleso sikhathi. Nasemapitsini amanzi awasaphumi. Sonke bese siphephela ezimotweni zamanzi ebezithunyelwa wumasipala. Sinenkinga entsha ke manje njengoba umasipala ungasazithumeli izimoto zamanzi. Kule nyanga nje azikaze zifike izimoto. Izimoto zamanzi selokhu sazigcina ngenyanga eyedlule."
UNksz Khumalo uthe bayaphoqeleka ukuba bawathenge amanzi njengoba zingasafiki izimoto zamanzi.
"Akhona amanzi esiwabanga nezilwane lapha kodwa awaphephile ukuba singawaphuza. Kuyasiphoqa ukuthi siwathenge amanzi okudla. U-5 litre wamanzi ubiza u-R10, kwezinye izindawo ubiza u-R15. Sesiphelile wukuthenga amanzi. Kunzima kakhulu ngoba asisebenzi."
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela uMasipala waseMzinyathi, uNkk Thandeka Ngobese, ayizange iphumelele njengoba ecele ukuba abuye afonelwe, akabange esalubamba ucingo esephinde efonelwa.
Izinkinga zamanzi azizintsha kuMasipala wesiFunda uMzinyathi.
Umbiko wenhlangano yamalungelo abantu, iSA Human Rights Organisation, wahlaba wahlikiza ukwehluleka kwalo mkhandlu ukuhlinzeka abantu ngamanzi.
Umbiko wathi ukwehluleka kwalo mkhandlu kanye neminye yaKwaZulu-Natal ukuhlinzeka abantu ngamanzi kunyathela amalungelo abantu njengoba amanzi eyilungelo elikuMthethosisekelo.
Related Topics: