Izindaba

Umbiko ngabaholi be-ANC abathinteka enkohlakalweni

Sabelo Nsele|Published

Umengameli we-ANC uCyril Ramaphosa nonobhala jikelele uFikile Mbalula

Image: X/ANC

UMHLANGANO wesigungu esiphezulu kwi-ANC kulindeleke ukuthi uthathe isinqumo ngekusasa labaholi benhlangano abasolwa enkohlakalweni.

Umhlangano ozophothulwa namhlanje uzobhunga ngekusasa lePhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile nelikaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNksz Thembi Simelane.

Ikomiti lezobuqotho kwi-ANC, i-Integrity Commission, lizokwethula imibiko ngalaba baholi bese isigungu esiphezulu sithatha isinqumo sokuba kufanele yini laba baqhubeke nokuqhoqhobala izikhundla abaziphethe.

Abaholi bavela phambi kwekomiti lezobuqotho emva kokusolwa enkohlakalweni.

UMashatile usematheni ngezindaba ezingezinhle okubalwa kuzo izinsolo zenkohlakalo ekuhlomule kuyo umndeni wakhe kwithenda yezigidi zamarandi yeLotto.

UNksz Simelane yena usolwa ngohlumula enkohlakalweni eyaqumba phansi ibhange iVBS.

Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, ukuqinisekisile ukuthi ikomiti lezobuqotho lizokwethula imibiko ngabaholi abahlukene kodwa wenqaba ukudalula amagama abaholi.

"Thina siyi-ANC asiwadaluli amagama abantu uma sikhuluma ezithinta ubuqotho kanye nokuqondisa ubugwegwe. Siyaye sikhulume kuphela ngamagama abantu uma sekukhona izinqumo esezithathwe isigungu esiphezulu. Nakulokhu sizokwazi ukukhuluma kahle ngamagama abantu esithangamini nabezindaba esizokuba ngoLwesibili."

Bakhona nabanye abaholi be-ANC abasolwa enkohlakalweni okungeke kubhungwe ngekusasa labo emhlanganweni oqhubekayo ngenxa yokuthi abakaveli phambi kwekomiti lezobuqotho.

Abaholi abangakaveli phambi kwekomiti lezobuqotho kubalwa kubo uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

UMchunu uyingxenye yomhlangano oqhubekayo njengoba engashenxile esikhundleni sakhe sakwi-ANC sokuba ilungu lesigungu esiphezulu.

Akukacaci ukuthi uMchunu uzovela nini phambi kwekomiti lezobuqotho.

Umhlangano we-ANC uzophinde ubhunge ngobudlelwano bayo neqembu ebambisene nalo kuhulumeni wokubambisana, i-DA, kanye nobudlelwano bayo nedlelandawonye layo, iSACP.

I-ANC ne-DA bahlala ngokuthusana. Lokhu kugqame kakhulu ngesikhathi kunomsindo mayelana nesiphakamiso sokwenyuswa kwentela eyengezwa empahleni ethengwayo.

I-DA yamangalela uNgqongqohse wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, futhi ayizange iseseke isabelomali esasinesiphakamiso sokuba kunyuswe intela.

Ngakolunye uhlangothi, iSACP yona ithathe isinqumo sokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo.

I-SACP ibiyaye ikhankasele i-ANC okhethweni olwedlule kepha kulokhu izokube incintisana nayo i-ANC.