OWAYEYIMENENJA kaMasipala waseMzimkhulu, uMnuz Zweliphansi Skhosana, ophinde waboshelwa icala lokubulala owayengunobhala jikelele we-ANCYL, uMnuz Sindiso Magaqa
Image: Sithunyelwe
USAZOGQUNYWA esitokisini owayeyimenenja kaMasipala waseMzimkhulu, uMnuz Zweliphansi Skhosana, oboshelwe icala lokusoconga owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League (ANCYL), uMnuz Sindiso Magaqa.
USkhosana uvele kafishane eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu, izolo. Icala lakhe libe selihlehliselwa uLwesihlanu lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
USkhosana uboshwe eThekwini ngoMsombuluko.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uSikhosana uthweswe amacala ayisithupha.
"Uthwese amacala okuhlela ukubulala, ukubulala, ukuphatha isibhamu esingavumelekile, ukuphatha isibhamu ngokungemthetho, ukuphatha izinhlamvu ngokungemthetho nokuphazamisa ukusebenza komthetho."
I-ANCYL ithe ifuna ukuthi uSkhosana angayitholi ibheyili.
UNobhala jikelele we-ANCYL, uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, uthe uSkhosana uzolibalekela icala uma engase anikezwe ibheyili.
"Ubeseshintshe indawo yokuhlala ngenxa yokuthi ubefuna ukubalekela ukuboshwa. Siphinde sathola ukuthi lo muntu unelinye icala (amataniswa nalo), nokwenza ukuthi sibe novalo lokuthi uzozama ukubaleka."
UNgudle uthe bafuna ukuthi kuboshwe abanye ababeyingxenye yetulo lokusoconga uMagaqa.
"Esikwaziyo wukuthi isibhamu esadubula uMagaqa sathengwa ngemali eyayisuka esikhwameni samaphoyisa. Sifuna ukuthi baboshwe bonke abathintekayo okubalwa kubona namaphoyisa alekelela abasolwa. Ngeke siphumule baze baboshwe bonke abathintekayo."
Akukhona okokuqala leli cala lilalisa uSkhosana ezikhindini.
Ngo-2018 uSkhosana waboshwa kanye nowayeyimeya yaseHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe.
USkhosana noNdobe babuye badedelwa ngenxa yokushoda kobufakazi obubayamanisa naleli cala.
Inkabi eyavuma icala lokusoconga uMagaqa, uSibusiso Ncengwa, yachaza uSkhosana kanye noNdobe, ongasekho, njengobhongoza betulo lokusoconga uMagaqa.
UNdobe watholakala eshonile ngo-2020, kukholakala ukuthi wazidubula.
UNcengwa, owagwetshwa iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngaleli cala, wathi bahlukaniselana u-R120 000 emva kokusoconga uMagaqa.
Usanda kuveza nokuthi wabuye wathola kamumva ukuthi empeleni babekhokhelwe u-R600 000.
UMagaqa, owayeyikhansela kuMasipala waseMzimkhulu, wabulawa ngo-2017.
Kuthiwa wabulawelwa ukukhononda ngenkohlakalo eyayenzeka emkhandlwini.
Abanye abasolwa ababili, uMnuz Sibonelo Myeza noMbulelo Mpofana, bayaqhubeka nokuliphika icala.
UMyeza noMpofana bazovela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngo-Okthoba, lapho kuzoqulwa khona icala labo.
Omunye umsolwa, uMnuz Mlungisi Ncalane, kwatholakala ukuthi akakulungele ukubhekana necala emva kokuhlolwa ingqondo.
Related Topics: