Izindaba

Inkantolo nomyalelo ngokuholelwa kwabasebenzi baseMkhanyakude

Sabelo Nsele|Published

Umyalelo wenkantolo ngenkokhelo abasebenzi baseMkhanyakude

Image: File

INKANTOLO iyalele ubuholi bukaMasipala wesiFunda uMkhanyakude ukuba buvumele umlawuli, uMnuz Bamba Ndwandwe, ukuba enze umsebenzi wakhe ukuze kuzohola abasebenzi bomkhandlu.

Lo mkhandlu unikezwe umnqamulajuqu wakusasa ukuba uqinisekise ukuthi uholela bonke abasebenzi bomkhandlu.

Abasebenzi bomkhandlu abazange bahole ngenyanga eyedlule ngenxa yokuthi ubuholi bomkhandlu abufuni ukwamukele ukujutshwa kukaNdwandwe njengeso lomlawuli.

UNdwandwe uyena okumele asayinele ukuphuma kwemali yomkhandlu okubalwa kuyo neyokuholela abasebenzi.

Imenenja yomkhandlu, uMnuz Wilfred Nxumalo, kuthiwa ayizange iluhambise uhlu lwabasebenzi okufanele bahole kuNdwandwe ngenxa yomdonsiswano okhona.

NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ikhiphe umyalelo wokuba uNxumalo anikeze uNdandwe uhlu lwabasebenzi okufanele bahole.

"Umasipala uyalelwa ukuba wenze konke okusemandleni awo ukuqinisekisa ukuthi bonke abasebenzi abangaholile bathola amaholo abo," kusho umyalelo okhishwe inkantolo.

Icala ebelilalelwe enkantolo lifakwe inyunyana yabasebenzi bomasipala, iSamwu.

UNdwandwe waqokwa ukuba iso lomlawuli ngenyanga eyedlule.

Ngesikhathi uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ezokwethula uNdwandwe, wafika kuvaliwe emahhovisi omkhandlu.

Kusukela lapho, uNdwandwe akakaze akwazi ukungena emahhovisi omkhandlu ngenxa yokuthi kuhlezi kuvaliwe emasangweni.

Umasipala ufake isicelo esiphikisa ukufakwa ngaphansi kweso lomlawuli.

Inkantolo isigodlile isinqumo esicelweni somkhandlu.

UButhelezi uthe njengoba inkantolo isigodlile isinqumo kusho ukuthi uNdwandwe uzoqhubeka nokuba umlawuli emkhandlwini.

"Umasipala uhlulekile ukuvimbela iKhabhinethi laKwaZulu-Natal ukuba liwufake ngaphansi kweso lomlawuli. Lokhu kusho ukuthi umasipala uzoqhubeka ube ngaphansi kweso lomlawuli kuze kuba kuphuma isinqumo. Nginxusa imeya kamasipala ukuba iqinisekise ukuthi amasango ayavulwa emahhovisi omkhandlu ukuze abantu bezokwazi ukuthola izidingo."

USomlomo womkhandlu, uMnuz Solomon Mkhombo, ube nombono owehlukile.

UMkhombo uthe njengoba sigodliwe kusho ukuthi uNdwandwe akasiyena umlawuli.

"Kuze kuba inkantolo ikhipha isinqumo sayo uNdwandwe akasiyena umlawuli lapha eMkhanyakude."