Izindaba

Kosiwe inyama egqunywa esitokisini osolwa ekufeni kukaMagaqa

Charles Khuzwayo and Simangaliso Ntshangase|Published

UMSOLWA uMnuz Zweliphansi Sikhosana evele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu

Image: NPA

UMNDENI yowayengunoobhala-jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, ubuyele emakhaya ujabule kangangoba uphume wayokosa inyama ugubha ukugqunywa esitokisini kosolwa ngokuba wungqondongqondo ekubulaweni kukaMagaqa, uMnuz Zweliphansi Stanley Sikhosana.

Umsolwa (55) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu, ngoLwesihlanu. Ngokusho kwelungu lomndeni elingathandanga negama lalo, okwenze umndeni kaMagaqa washisa inyama ukujabulela ukuthi seliyaqhumbuka ithumbu ebeliwuqaqamba iminyaka eyisishiyagalombili kusukela ngo-2018.

"Bekubuhlungu yonke le minyaka engu-8 singazi ukuthi wabulawa ngobani. Ngoba manje sesiyazi sikhululekile emoyeni. Sesifuna umsolwa abhoboke, achaze ukuthi umfowethu wabulawelani?" kusho omunye womdeni oveze nokuthi bayosa ngenxa yokuthi sekuyantwela ukuthi umthetho uzothatha indawo.

Enkantolo bekugcwele amalungu e-ANC, ikakhulukazi awophiko lwentsha, ezokweseka umndeni kamufi. Umsolwa ubebonakala enomunyu futhi elokhu echiphiza izinyembezi engaqedi.

Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe icala lihlehlele u-Agasti 14, ukuze ummangalelwa azofaka isicelo sebheyili.

"Umsolwa ubevele okwesibili eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu malungana necala lokubulala. Uthweswe amacala okuhlela itulo lokubulala, ukubulala, ukuphatha isibhamu esingavumelekile, ukuphatha isibhamu ngokungemthetho, ukuphatha izinhlamvu ngokungemthetho nokuphazamisa ukusebenzisa ukusebenza komthetho," kusho uNkk Ramkisson-Kara.

USikhosana owayeyimenenja kaMasipala waseMzimkhulu, waboshwa wuphiko lwamaphoyisa oluphenya ngamacala okubulala malungana nesigameko sokubulawa kukaMagaqa.

UMagaqa wayengunobhala jikelele we-ANC Youth League futhi eyikhansela kulo masipala ngenkathi edutshulwa esemotweni yakhe ngo-2017. USikhosana wake waboshwa ngo-2018, nabanye abasolwa abane okubalwa kubona nowayeyimeya kaMasipala waseHarry Gwala, uMnuz Mluleki Ndobe, ongasekho emhlabeni.

Amacala ababebekwe wona ahoxiswa okwesikhashana ngoMashi, wango-2019. USikhosana uboshwe okwesibili esemzini wakhe oseMalvern, eThekwini, ngesonto elidlule. Abanye abasolwa ababili kuleli cala kuyaqhubeka ukushushiswa kwabo kuleli cala, eseliqalile ukuqulwa, kuthi lona wesithathu yena wagwetshwa ekuqaleni kwaJulayi, emva kokuvuma icala lokubulala uMagaqa.