UNDUNANKULU waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi eyobeka izimbali ethuneni likaMnuz Harry Gwala KwaSwayimani, ogqoke izingubo zamasosha wuDkt Zwelini Mkhize
Image: FACEBOOK/UMSHWATHI
KUGUJWE ukuphela kweminyaka ewu-105 kwazalwa owayeyisishoshovu somzabalazo kuleli ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo, uMnuz Harry Thembeyakhe Gwala. Umcimbi wokukhunjulwa kwaleli qhawe bewusemzini walo osesigodini saseTsheni, kwaSwayimani, eMgungundlovu ngoLwesithathu.
Lo mgubho bewuhanjelwe wuNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Zwelini Mkhize, owayenguMengameli woPhiko lwabesifazane kwi-ANC, uNksz Bathabile Dlamini, iMeya yaseMshwathi uMnuz Mandla Zondi namanye amalungu aqavile ale nhlangano.
Laba baholi bakhumbule uGwala ngokubeka izimbali ethuneni lakhe elisemzini wakhe ngaphambi kokuyozitika ngenguzanguza yekhekhe ebelikwakhe.ULesufi ubonge kakhulu umndeni wakwaGwala ngokuqhubeka nokwenza umlando waleli qhawe ungashabalali. UGwala, owayaziwa ngelikaMunt'omdala noma ngeBhubesi laseMidlands, wazalelwa kwaSwayimani ngoJulayi 30, 1920, wadlula emhlabeni ngoJuni 20, 1995.
Amagalelo akhe emzabalazweni enza wahlonishwa ngokuthi kuqanjwe izinto eziningi ngaye njengenkundla yebhola edumile eMgungundlovu, uMkhandlu oseXobho, isibhedlela saseMgungundlovu nokunye okuningi. Emuva kokuphothula iziqu zobuthishela e-Adams College, eManzimtoti, uGwala wafundisa eSlangspruit, eMgungundlovu.
ABAHOLI be-ANC beqeda ukubeka izimbali ethuneni likaMnuz Harry Gwala kwaSwayimani
Image: FACEBOOK/UMSHWATHI
Yikulesi sikhungo lapho ahlangana khona nabafundi ayedingida nabo izindaba zepolitiki. Esefundisa wabutha abafundi abaningi okubalwa kubo uMoses "Mncane" Mabhida no-Agrippa Ngcobo. I-SACP yamyalela ukuba ashiye phansi ukufundisa kodwa ayoqhuba umzabalazo wabasebenzi. Wabuye waqashwa ukuba abe yi-typist esibhedlela esesiqanjwe ngaye, i-Edendale Hospiital kodwa waxoshwa esasebenze iminyaka emine ngenxa yokuthi wayesefake abasebenzi enyunyaneni.
Seyivalwe umlomo i-ANC ngo-1960, uGwala wangena ephuma eRobben Island kangangoba akavunyelwanga ukuba ayongcwaba umkakhe ngo-1984. Esesejele wahlaselwa yisifo esamshiya ekhubazeke izingalo nokwaphoqa ukuba adedelwe ejele ngo-1988.
Yize ayesekhubazekile waqhubeka nokuba yisishoshovu kwaze kwaba i-ANC ivulwa umlomo. Yingakho i-ANC yagcina imhloniphe ngomklomelo weSithwalandwe-Seaparankoe ngo-1992.Ngo-1994 waqokelwa ekubeni yilungu lesigungu esiphezulu seSACP kodwa wabuye wahoxiswa kwaze kwashaya isikhathi sokushona wakhe ngonyaka olandelayo.
UNKSZ Bathabile Dlamini (ongakwesokudla) eyobeka izimbali ethuneni likaMnuz Harry Gwala kwaSwayimani
Image: FACEBOOK/UMSHWATHI
UMFANEKISO kaMnuz Harry Gwala ethuneni lakhe
Image: FACEBOOK/UMSHWATHI
UNDUNANKULU waseGauteng uMnuz Panyaza Lesufi noDkt Zwelini Mkhize bekake umfowabo kaMnuz Harry Gwala (elingatholakanga igama lakhe) kwaSwayimani
Image: FACEBOOK/UMSHWATHI