Izindaba

OFakazi BakaJehova nochungechunge lwemihlangano efundisa ngebhayibheli

Nokubongwa Phenyane|Published

Udonsa amehlo ezinkumbi zabantu umhlangano waminyaka yonke woFakazi BakaJehova KwaZulu-Natal ozoqala kusuka ngo-Agasti 8 eThekwini

Image: Sigciniwe

KULINDELEKE ukuthi udonse amehlo abaningi umhlangano wesifunda walo nyaka woFakazi BakaJehova , ozodonsa izimpelasonto ezithathu ngokulandelana e-Exhibition Centre, eThekwini kusuka ngo-Agasti 8 kuya ku10, 15-17  no22-25.

Umhlangano walo nyaka othi “Khonza uJehova Ngendlela Emsulwa” uMnuz Mzamo Goloda uveze ukuthi uzobe ugxile kakhulu ekufundiseni ngokuthi oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi abaningi emphakathini bakhathazekile ngezindaba zokholo nengokomoya.

Uthe lona akuwona umhlangano wokuqala kodwa ubanjwa kanye unyaka nonyaka izinsuku ezintathu.

“Umhlangano lona okungenwa kuwo mahhala futhi kulo nyaka sizoba sehholo elikhulukazi maphakathi neTheku nala izimfundiso zizoba ezikhuthazayo nokuhlola okushiwo ukuhlonipha nokukhulekela okuqotho. OFakazi bangenye yezinhlangano ezinkulu zemihlangano engenzi nzuzo emhlabeni wonke. Ngawo sizothuthukisa umnotho wesifundazwe iKwaZulu-Natal njengoba udonsa abantu abangaphezu kuka-12 000 abazowuthamela abaqhamuka emadolobheni ahlukene,” kuchaza uGoloda.

Uthe kulemihlangano kulezi zimpelasonto kusuke kushintshana abakhuluma isiZulu, ulimi lwezandla lwaseNingizimu Afrika nesiNgisi.

“Sibheke ngabomvu ukuphinde sisebenzisane nezikhulu zedolobha ukuze silethe lolu hlelo olujabulisayo. Isihloko somhlangano walo nyaka ngaso kuhloswe ukucacisela abantu abaningi abafuna ithemba. Bonke abakhona kufanele bahambe bevuselelekile bazi ukuthi kuyini ukukhuleka nokuthi lokhu kungabasiza kanjani babhekane nezinselelo zanamuhla” kusho yena.

Uthe umhlangano uzoba nama-video, izinkulumo nezingxoxo ezisekelwe eBhayibhelini ezinezihloko ezinjengalezi:

* Kuyini Ukukhulekela Okumsulwa?

* Lingisa Labo Abathanda Ukukhulekela Okumsulwa!

* Ingabe Ukhonza Lokhu Okwaziyo?

NgoMgqibelo uthe kuyoba khona isigaba esivelele la kuyobhabhadiswa abafuna ukuzinikela ngokuphelele kuJehova nenhlangano yakhe.

Uthe le mihlangano yalolu hlobo ayigcini nje KwaZulu-Natal kuphela njengoba idonsa abantu abangaphezu kuka11 million izinsuku zontathu njengoba ingaphezu kuka-6 000 ehlelwe emhlabeni wonke ngo-2024.

Uthe iqala ngo-9 ekuseni kuze kube u5 ntambama ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.

NgeSonto iqala ngo-9 kuze kube u-3.30 ntambama.