Izocula induna eboshwe nenkosi kwelokubulala
Image: File
IZOCULA induna eboshwe kanye nenkosi ecaleni lokubulawa kwekhansela njengoba isiphenduke ufakazi woMbuso.
UMnuz Zwelithini Buthelezi, oboshwe neNkosi uSimphiwe Eric Zuma, usephenduke ufakazi wenkantolo.
Lokhu kuhlaluke ngesikhathi uZuma evele kanye nabanye abasolwa abathathu, oMnuz Thobane Masobho Hlongwa, Khayelihle Shabalala noMnuz Thabo Chonco, eNkantolo yeMantshi eHowick, izolo.
UButhelezi nasolwa nabo baboshelwe icala lokusoconga owayeyikhansela leDA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
Obemele uButhelezi, u-Advocate Mlilo (onqabile negama lakhe), ufake isicelo sokuhoxa kuleli cala. UMlilo uthe utshelwe ukuthi uButhelezi usenabameli abasha nokuthi usezoba wufakazi woMbuso.
"Ngitshelwe ukuthi amacala abebhekene nawo ahoxisiwe nokuthi usezoba wufakazi woMbuso. Ngitshelwe ukuthi ubevele enkantolo ngoLwesibili. Angizange ngaziswe ukuthi uzovela enkantolo yngakho namhlanje ngifaka isicelo sokuhoxa kuleli cala."
UButhelezi uyinduna eMpophomeni, nokuyindawo engaphansi kukaMasipala waseMngeni. UButhelezi usolwa ngokuba ngomunye wongqondongqondo ekuhlelweni kwetulo lokusoconga uNdlovu.
UButhelezi uke wambisa amaphoyisa iqanda lenjelwane ngaphambi kokuthi aboshwe.
Amaphoyisa aphenya amacala okubulawa kosopolitiki aze asabalalisa isithombe sakhe, ecela abantu ukuba bawabikele uma kwenzeka bembona.
UNdlovu wabulawa phambi komndeni wakhe ngo-2023.
Kuthiwa uNdlovu wabulawelwa ukulwa nokuntshontshwa kwempahla yomkhandlu kagesi okubalwa kuyo nama-transformer ayegcina edayiselwa abantu abanenkinga kagesi.
IMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ithe kuyakhathaza ukuzwa ukuthi obengummeli kaButhelezi akazange atshelwe mhla evuma ukuba wufakazi woMbuso.
"Abameli bomunye wabantu ababoshiwe uveze ukuthi ubengazi ukuthi icala belihleli ngoLwesibili. Lokhu kukhombisa ukuthi kuningi okwenziwa amaphoyisa noMbuso ngale. Siyathemba ukuthi lena akusiyona imizamo yokuchitha icala."
Icala lizobuyela enkantolo ngo-Agasti 8, lapho uZuma ezofaka isicelo sebheyili.
UZuma ubesanda kudedelwa ngebheyili ka-R25 000 kwelinye icala lokubulala lapho esolwa khona ngokusoconga undunankulu wesizwe sakhe, uMnuz Qalokunye Zuma.
Umsolwa oboshwe noZuma ngoLwesithathu, uChonco, utshele inkantolo ukuthi ngeke asifake isicelo sebheyili.
UChonco uvele udonsa esinye isigwebo ejele, kuthiwa wahlela itulo lokusoconga uNdlovu ejele.
Related Topics: