INKOSI uSimphiwe Zuma eboshelwe icala lokusoconga ikhansela
Image: Facebook
ICHIPHIZE izinyembezi inkosi eboshelwe icala lokusoconga ikhansela eliwumshana wayo.
Inkosi Simphiwe Eric Zuma yakwaNxamalala, eMpendle, icwebise amehlo ngesikhathi ivela enkantolo lapho ebibhekene khona necala lokubulala owayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
UZuma uvele kafushane eNkantolo yeMantshi eHowick, izolo.
Icala lakhe lihlehliselwe u-Agasti 8, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
Ngesikhathi evele enkantolo, uZuma uvele wagubuzela, izinyembezi bezigcwele amehlo.
UZuma uboshwe noMnuz Thabo Chonco, okuthiwa wahlela itulo lokubulala uNdlovu esejele. UNdlovu wabulawa phambi komndeni wakhe ngo-2023.
Kuthiwa uNdlovu wabulawelwa ukulwa nokuntshontshwa kwempahla yomkhandlu kagesi okubalwa kuyo nama-transformer ayegcina edayiselwa abantu abanenkinga kagesi.
Abanye abasolwa ababhekene necala ngoMnuz Thobane Masobho Hlongwa noKhayelihle Shabalala.
UMnuz Simo Ndlovu, ozalwa umfowabo kaNdlovu, uthe kumshaqisile ukuzwa ukuthi ubaba omncane wakhe wasocongwa umuntu oyisihlobo sakhe esikhulu.
USimo uthe uNdlovu uzalwa udadewabo kaZuma, wathi bayaya kwaZuma uma kunemicimbi.
"Bebebizana ngomzala kodwa empeleni uNdlovu uwumshana wenkosi. Ingakho ngithi kungishaqisile ukubona ukuthi isihlobo sethu naso siyathinteka kuleli cala."
USimo uthe uZuma ubenakho ukubabuza ukuthi baqhuba kanjani njengoba engasekho uNdlovu.
USimo uthe ukuchiphiza kukaZuma izinyembezi akuzukwenza ukuthi amzwele.
"Angikunakanga kakhulu lokhu ngoba kusangenzeka ukuthi ubezenzisa. Engikufunayo ukuba kuvele iqiniso."
UZuma uboshwa nje, ubesanda kudedelwa ngebheyili ka-R25 000 kwelinye icala lokubulala.
UZuma ubhekene necala lokubulala undunankulu wesizwe asiphethe, uMnuz Qalokunye Zuma, naye owumndeni wakhe.
IMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ithe igama likaZuma liyathinteka kwezinye izinsolo zobugebengu emphakathini.
"Uyaziwa nje lapha emphakathini ngokwephula umthetho. Igama lakhe liyathinteka ekuntshontshweni kwama-transformer. Ngiyazibuza nje ukuthi kungani engathweswa necala lobugebengu obuhleliwe?"
Ummeli kaZuma, u-Advocate Mduduzi Nkomo, uzame ukumcelela ukuba ayoboshelwa ejele eliseMgungundlovu.
UNkomo uthe uZuma akaphilile kahle, kungagcono uma engasuswa ejele eliseThekwini, khona ezokuba seduze nenkantolo okuthethelwa kuyo icala lakhe.
Kepha umshushisi, u-Advocate Elvis Gcweka, usichithile lesi sicelo.
UGcweka uthe basabela ukuthi uma uZuma engagqunywa ejele eliseMgungundlovu uzofike ahlangane noChonco, bese beqhubeka nobugebengu babo.
IMantshi uNtini, isichithile isicelo sikaZuma.
UNtini usichithile nesicelo sokuba abasolwa bathwetshulwe izithombe ngabezindaba.
AbakwaZuma, okubalwa kubo nelungu leMK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Thobani Zuma, bebekhona enkantolo bezokweseka uZuma.
UZuma uhlobene nomholi weMK, uMnuz Jacob Zuma.
Related Topics: