Izindaba

Kusinda kwehlela emaklozeni kunyuka inyama

Sabelo Nsele|Published

BATHWELE kanzima abathanda inyama njengoba izibalo zangoJulayi zikhombisa ukunyuka kwentengo yezinhlobo ezahlukene zenyama.

Image: Simphiwe Mbokazi/Independent Newspapers

BATHWELE kanzima abathanda inyama njengoba izibalo zangoJulayi zikhombisa ukunyuka kwentengo yezinhlobo ezahlukene zenyama.

Izibalo ezikhishwe yinhlangano engenzi nzuzo, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity (PMBEJD), zikhombisa ukuthi intengo yezinhlobo zenyama okubalwa kuzo usu namanqondo inyukile kule nyanga.

AbePMBEJD bathe ukunyuka kwezinhlobo ezahlukene zenyama kwenza ukuthi ukudla kubize.

Bathe ngenxa yokunyuka kwamanani okudla abantu abaningi abasebenzayo abanayo imali eyanele yokuthenga ukudla okuzobaqhuba kuze kuphele inyanga.

Izibalo zakamumva zikhombisa ukuthi inyama ebomvu nosu kukhuphuke ngo-5% ngoJulayi. 

Amanqondo, izingingila, isibindi, iwors, inhlanzi, no-polony kunyuke ngo-4% kule nyanga.

Okunye ukudla okunyukile ngoJulayi yiklabishi, yisinkwa esi-brown nobisi. Ukudla kunyuke ngo-R159 kule nyanga uma kuqhathaniswa noJulayi wangonyaka owedlule. 

"NgoJulayi wangonyaka odlule ukudla okudingwa wumndeni kwakubiza u-R5 252, kuJulayi wakulo nyaka ukudla okudingwa wumndeni kubiza u-R5 442."

Amanani ezinye izinhlobo zokudla okukhona kuzo impuphu, amafutha, ubhontshisi, ushukela, amazambane namaqanda ehlile kancane kule nyanga.

Ngokwamadolobha amanani okudla anyuke ngo-R45 eThekwini, anyuka ngo-R60 eMtubatuba, abe esehla ngo-R56 eMgungundlovu kule nyanga. 

Umqondisi kwiPMBJED, uMnuz Mervyn Abrahams, uthe izibalo zikhombisa ukuthi abasebenzi abanayo imali eyanele yokuthenga ukudla okuzobaqhuba kuze kuphele inyanga. 

U-Abrahams uthe umsebenzi ohola kancane kufanele ukuthi uhole u-R5 297 kuJulayi njengoba bekunezinsuku ezingu-23 zokusebenza kule nyanga. 

Uthe umndeni ojwayelekile wabantu abane udinga u-R3 755 ukuze ukwazi ukuthenga ukudla okwanele inyanga.

U-Abrahams uthe ucwaningo abalwenzile eMgungundlovu luveze ukuthi abantu abahola kancane basala no-R2 275 wokuthenga ukudla emva kokukhokhela izindleko zabo zenyanga.

"Lokhu kusho ukuthi abanayo imali eyanele yokuthenga ukudla. Abantu baqala ngokukhokhela izindleko ezifana nezokuthutha kanye nogesi, bagcina ngakho ukudla."

U-Abrahams uthe nomama bezingane bathwele kanzima.

U-Abrahams uthe ucwaningo lwabo lukhombisa ukuthi ukudla kwengane kwenyanga kubiza u-R957.

"Isibonelelo sezingane singu-R560. Singaphansi kwemali edingekayo."