UMPHATHISWA wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, oqashe inkampani ezolwela isithunzi sakhe
Image: Sigciniwe
USEQASHE inkampani ezimele ezovikela isithunzi sakhe uMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal osolwa enkohlakalweni, uNksz Nomagugu Simelane.
UNksz Simelane uqashe inkampani iPR Worx ukuba ilungise isithunzi sakhe.
AbePR Worx bakhiphe isitatimende sabezindaba lapho bechitha khona izinsolo ezibhekene noNksz Simelane.
Kulesi sitatimende uNksz Simelane uphinde wagxeka ukuvinjwa kwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho ezikhungweni zezempilo.
UNksz Simelane usematheni kulezi zinsuku ngezinsolo zenkohlakalo.
Kunezikhalazo mayelana noxhaso olwathola inkampani yomndeni wakhe eMnyangweni wezoLimo kanye nangemali eyabolekwa yile nkampani ebhange Ithala.
Kuphinde kube nezikhalazo ngokugixabezwa ngezikhundla eziphezulu kwamalungu omndeni kaNksz Simelane eminyangweni kahulumeni.
UNksz Simelane uphinde asolwe ngokuba nesandla ekuxoshweni komsakazi weVuma FM, uJacinta Ngobese-Zuma.
Zonke lezi zinsolo uziphikile uNksz Simelane.
Related Topics: