UNOBHALA wezinduna zamabutho esifundeni iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, nomholi wezenkolo, uMfu Sithembiso Mathaba, badodise amabhungu asakhula
Image: Sithunyelwe
UMHOLI wezenkolo KwaNongoma, uMfu Sithembiso Mathaba, ukhuze uphuzo oludakayo ematshitshini nasemabhungwini asakhulu.
UMathaba uthe intsha kufanele idlalele kude notshwala athe bubulala izwe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini waminyaka yonke wokudodisa amabhungu asakhulu.
Lo mcimbi obuhlelwe inhlangano Ubuhle beZolo Lethu Youth Development.
Umcimbi uqale ngoLwesihlanu ebusuku, wadonsa ubusuku bonke njengoba bekukhona abebezofundisa amabhungu amahubo akwaZulu.
UMathaba, owayeyimeya kaMasipala waKwaNongoma, uthe utshwala bubulala ikusasa lentsha.
UMathaba ukhuthaze abakhulisa izintombi nabadodisa amabhungu ukuba bakhuthaze intsha ukuba idlalele kude notshwala.
"Ibaphi abafazi abazotholwa yilaba bafana uma amantombozane aneminyaka engu-14 edla ubhiya nogologo? Ngicela uma nisikhulisela izintombi sikhuliseleni izintombi eziphilayo. Sifuna izintombi owaziyo ukuthi uma uganwa yizo, kuyobe uthole umfazi oqotho. Kodwa-ke angeke kusize ukuthi nisakhele izintombi eziqotho, ezingaphuzi, kufike lezi zinsizwa zidakiwe, zingaboni nanokuthi nansi intombi. Ngamanye amazwi kufanele abafana nabo baziphathe kahle."
Unobhala wezinduna zamabutho esifundeni iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, uthe amabhungu asakhula kufanele avikele izaguga zingadlali izigebengu. UNyandeni uthe amabhungu anejoka lokuvikela abantu ababuthaka.
"Thina singabavikeli bakusasa. Singabavikeli babo bonke esakhe nabo, sizovikela bonke omakhelwane bethu. Mhlampe namanje besingaqala ukuba abavikeli. Angithi ithina okufanele sisukume uma kukhona abafana abangontanga yethu bakwesinyeisigodi abangena ebusuku, bezokhuthuza izigebengu? Angithi ithina okufanele sithi asibufuni ubugebengu endaweni yangakithi?"
Omunye wabahleli bomcimbi, uNksz Mningi Zuma, uthe amabhungu abeyingxenye yomcimbi afunde lukhulu.
UNksz Zuma ubonge ihhovisi leSilo elinikele ngenyathi, wathi amabhungu abefinya ngendololwane.
Related Topics: