uMengameli uCyril Ramaphosa nongqongqoshe wamaphoyisa osekhefini uSenzo Mchunu
Image: IOL Graphics
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, bathi igagamelile iMK ngokufaka icala lapho ifuna ukuthi kuxoshwe uMchunu, iphinde iphonsele inselelo ukumenyezelwa kozobamba kwesikaMchunu, uSolwazi Firoz Cachalia.
URamaphosa noMchunu bathe iMK kufanele ilinde kuze kuphothulwe umsebenzi wekhomishini ezophenya izinsolo ezibhekene noMchunu ngaphambi kokuthi yenze ikhwelo lokuthi akaxoshwe.
Bakusho lokhu ngesikhathi kuqulwa icala elifakwe yiMK eNkantolo yoMthethosisekelo.
Ummeli womholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, u-Advocate Dali Mpofu, uthe uRamaphosa kanawo amandla okumisa ungqongqoshe esikhundleni.
UMpofu uthe umthetho uvumela uRamaphosa ukuba aqoke noma axoshe ungqongqoshe, wathi akukho emthethweni ukunikwa kukaMchunu ikhefu elikhethekile.
"Into obekufanele uRamaphosa ayenze wukuxosha uMchunu."
UMpofu uthe umthetho awumvumeli uRamaphosa ukuba aqoke umuntu ongesilona ilungu lePhalamende ukuba abambe isikhundla sikangqongqoshe.
UCachalia akasilona ilungu lePhalamende.
Ummeli kaRamaphosa, u-Advocate Ngwako Maenetje, uthe uRamaphosa akakwazi ukuvele axoshe uMchunu zingakaphenywa izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
"Njengoba sibona lapha emaphepheni asenkantolo ukuthi ungqongqoshe uyaziphika izinsolo abhekene nazo, umengameli akakwazi-ke ukumxosha kuze kuba kuphenywa ngezinsolo. Yingakho umengameli enqume ukunikeza ungqongqoshe ikhefu elikhethekile kuze kuphothulwe uphenyo."
UMaenetje uthe besingekho isidingo sokuba iMK izame ukuzovimba ukuqokwa kukaCachalia ngoba vele akakaqokwa.
UMaenetje uthe uRamaphosa wagcina ngokwenza isimemezelo sokuthi uzoqoka uCachalia, wathi uzoqale aqokwe ukuba abe wungqongqoshe ngaphambi kokuthi aqokelwe ukuba abambe isikhundla sikangqongqoshe wamaPhoyisa.
Omunye ummeli kaRamaphosa, u-Advocate Kate Hofmeyr, uthe iMK ithathe ngamawala ngokufaka icala eNkantolo yoMthethosisekelo.
U-Advocate Hofmeyr uthe iMK bekufanele ifake icala eNkantolo eNkulu.
Ummeli kaMchunu, u-Advocate Griffiths Madonsela, uthe uRamaphosa ngabe uqala umkhuba omubi uma engavele axoshe ungqongqoshe ngaphandle kokumnikeza ithuba lokuziphendulela.
"Emva kwezinsolo zikaMkhwanazi iMK yavele yalola imikhonto. Yayimemeza ithi akabethelwe uMchunu. Ayifunanga ngisho nokumnika ithuba lokuziphendulela. Ayifunanga ngisho nokulinda umengameli ukuba aphendule."
UMadonsela uthe isigaba 98 somthetho sinikeza uRamaphosa igunya lokuba aqoke ungqongqoshe ozobamba uma kuwukuthi kukhona ungqongqoshe othathe ikhefu.
Inkantolo isigodlile isinqumo.
Related Topics: