Izindaba

OwaseMpangeni ukhonjwa kwiGenerations The Legacy

Charles Khuzwayo|Published

ULINDIWE Pride Dube oseyolingisa kwiGenerations The Legacy

Image: FACEBOOK

IGCAGCELE esokeni entokazini yaKwaDlengezwa, eMpangeni, uLindiwe Pride Dube, njengoba seyizobonakala emdlalweni wethelevishini oyintandokazi kuleli iGenerations The Legacy. Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo okulo mdlalo ukuthi sekuqedwe konke noLindiwe (50).

"Uyaqala nje ukushutha iziqephu zalo mdlalo kusukela ngesonto elizayo. Uzobe elingisa indawo yemantshi," kusho umthombo wokuqala.

Nomunye wabangani bakaLindiwe uziqinisekisile lezi zindaba wathi batshelwe nguye.

"Ubejabulisa okwengane encane iphiwa amaswidi ngoba behlale kuyiphupho lakhe ukulingisa kwiGenerations ngenxa yokuthi ungumdlalo okhonjiswa kwiSABC1 futhi ohlonishwayo."

Isolezwe libuye lathola  ukuthi inkampani iMountain Cultural Casting Agency etholele uLindiwe lo msebenzi oyingqayizivele. Ethintwa ngalezi zindaba uLindiwe akaphikanga futhi akavumanga kodwa uthe akuthintwe abeGenerations The Legacy ngoba yena akavumelekile ukukhuluma nabezindaba maqede waluvala ucingo.

Intatheli iphinde yamzama okwesibili kodwa besilungasangeni. ULindiwe akamusha emkhakheni wokulingisa njengoba eqale ukubonakala kwiDurban Gen ebisakazwa kwi-e.tv phakathi nezinsuku ngo-6.30 ntambama. Nakuba ubengakhulumi kwiDurban Gen kodwa kusukela lapho akabange esabheka emuva.

Uqale ukukhuluma ngesikhathi eselingisa indawo kaMaKhombothi, owayengudadewabo kayise kaMkhululi, uMthembu kuMkhokha The Curse. Ubetholelwe lo msebenzi yiBecky Casting Agency. Usuke lapho wadlulela komunye umdlalo obukhonjiswa kwiNetflix iMeet The Khumalos elingisa indawo kanomehlo ohlola izintombi nto.

Ekuqaleni kwalo nyaka uLindiwe ubelingisa indawo ka-Aunt Sheila kuZalo. Ngaphandle kokulingisa, uLindiwe  ungusomabhizinisi obuye asebenzele umphakathi ngaphandle kokubheka inzuzo ngaphansi kwenhlangano yakhe iLinzwa Foundation.

Usewole inqwaba yemiklomelo ngokuba wusomabhizinisi okubalwa kuyo oweWoman of Influence, Business Person of the Year, Social Entrepreneur of the Year futhi wabuye  wahlonishwa njengeSouth 32 Covid19  Community Hero. ULindiwe uqale  amabanga aphansi eMatshangule LP  naseDlangezwa High ngaphambi kokudlulela eTech Richtek eRichards Bay. 

ULINDIWE Pride Dube osezobonakala kwiGenerations The Legacy

Image: FACEBOOK

ULINDIWE Pride Dube osezobonakala kwiGenerations The Legacy

Image: FACEBOOK

ULINDIWE Pride Dube osezobonakala kwiGenerations The Legacy

Image: FACEBOOK