Izindaba

Kuhlehle umkhosi kwehla umshophi eNdlunkulu kaZulu

Sabelo Nsele|Published

UMntwana uTutu Wiseman Zulu oshonile

Image: Facebook

KUHLEHLISWE uMkhosi weSivivane obekufanele uqale namhlanje emva komshophi owehle eNdlunkulu kaZulu. 

ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sinqume ukuwuhlehlisela usuku olungaziwa umkhosi emva kokuguqa kwabaNtwana baseNdlunkulu ababili.

INdlunkulu ilale ngezindaba ezibuhlungu ngoLwesibili kulandela ukudlula kwabaNtwana uTutu Wiseman noLungile.

Bobabili abaNtwana abasendlini yaseCishengiphume, bangabazukulu bakaMntwana uMpikayivuswa Ngidi kaDinizulu. 

UMkhosi weSivivane wenziwa njalo ngo-Agasti, okuyiNyanga yaBesifazane.

Kulo mkhosi kuthuthukiswa abesifazane kuphinde kuqhakanjiswe iqhaza labo emphakathini.

Umkhosi wakulo nyaka obuzokuba sesigodlweni eMashobeni ubuyoze uphele ngoMgqibelo.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe iMbube ibone kungcono ukuba iwuhlehlise umkhosi.

"ISilo sinqume ukwenza lokhu ukuze sinikeze iNdlunkulu nesizwe ithuba lokulila, futhi kufihlwe abaNtwana benkosi ngesizotha esifanele."

UMntwana uThulani uthe iMbube nayo izilile njengoba kuyaye kwenzeke uma kuvele umshophi.

"ISilo sikuqonda kahle ukuthi amalungiselelo omkhosi abesesezingeni eliphezulu, kodwa bekufanele sihlehlise ngenxa yesimo esivelile."

UMntwana uThulani uthe usuku olusha lomkhosi luzobuye lumenyezelwe.

Kwehla lo mshophi nje indlunkulu isanda kushiywa yizinsika ezimbili.

Ngeledlule kuguqe uMntwana uNtombibomvu Sithuli Hanrietta kaSolomon, obesanda kugubha iminyaka engu-102 abona ilanga.

UMntwana uHenrietta bese kusele yena yedwa eSilweni uNkayishana Maphumzana Solomon kaDinuzulu.

Ngenyanga edlule kuguqe uNdlunkulu wakwaNxangiphilile, uThoko Ntombela Zulu.

Undlunkulu wayegane uMntwana uMcwayizeni Zulu, owayebambe ubukhosi bukaZulu ngaphambi kokuthi kuthathe iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.