Umholi weSACP KZN Themba Mthembu
Image: Independent Media Archives
AMAKHOMANISI abona kuzokuba umnqansa ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo ngokuzimela esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ubuholi beSACP KwaZulu-Natal buthe ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya kulesi sifundazwe kunezinselelo eziningi.
Lokhu bakusho ngesikhathi bekhuluma nabezindaba kulandela umhlangano wesigungu esiphezulu. Ubuholi be-SACP kuzwelonke bathatha isinqumo sokuba leli qembu lingenele ukhetho oluzayo ngokuzimela.
Phambilini, leli qembu belikade likhankasela idlelandawonye lalo, i-ANC, uma kunokhetho.
UNobhala weSACP KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu, uthe ukungenela ukhetho esifundazweni akulula.
"Sichithe isikhathi eside emhlanganweni sikhuluma ngalolu daba. Sinokukhathazeka uma sibuka izigameko esezike zaba khona lapha KwaZulu-Natal uma kunokhetho nokubuka nje indlela umbango omkhulu ngayo esifundazweni njengamanje."
UMthembu uthe okubakhathazayo ukudideka okuzokuba khona kumalungu enhlangano aphinde abe amalungu e-ANC.
UMthembu uthe bazosibhekisisa kahle isimo esifundazweni ngaphambi kokuthi balandele umyalelo wobuholi bukazwelonke wokungenela ukhetho ngokuzimela.
UMthembu uthe ihhovisi likanobhala liyalelwe ukuba lihlanganise umbiko ngalolu daba.
"Lo mbiko usilekelela ukuba sithathe isinqumo esifanele ngalolu daba. Okubalulekile kuthina ukuba sibumbe abantu, ikakhulu labo abangabasebenzi. Sifuna ukubona ubumbano kumadlelandawonye."
UMthembu uphinde wakhala ngokwanda kwezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe eminyangweni kahulumeni waKwaZulu-Natal nakomasipala bakulesi sifundazwe.
UMthembu uthe okubakhathazayo ukungasukunyelwa ngokushesha kwalezi zinsolo.
"Ihlazo leli elenzeka lapha esifundazweni. Amaqembu aphethe kufanele aphendule. Emhlanganweni sivumelene ukuthi ukwanda kwezinsolo ezibhekiswe eminyangweni kahulumeni sezande ngale ndlela yokuthi sesingazifanisa nobhubhane. Ingakho sifuna ukuba kube nomhlangano wamadlelandawonye lapho sizofuna khona izimpendulo ngezinsolo."
Related Topics: