Izindaba

Inezigemegeme inkosi eboshelwe ukubulala ikhansela

Sabelo Nsele|Published

Inkosi Simphiwe Zuma eboshelwe icala lokusoconga ikhansela

Image: Facebook

BATHI inezinye izigemegeme Inkosi yakwaNxamalala, eMpendle, uSimphiwe Zuma, eboshelwe ukubulala ikhansela leDA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu. UNdlovu uvele kafishane eNkantolo yeMantshi eHowick, namhlanje. Icala lakhe lihlehliselwe u-Agasti, lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.

UZuma uboshwe kanye noMnuz Thabo Chonco, okuthiwa wahlela itulo lokusoconga uNdlovu esejele. Abanye abasolwa ababoshelwe icala uMnuz Thobani Masobho Hlongwa noKhayelihle Shabalala.

Imeya yoMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, uthe uZuma udume ngokwephula umthetho.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ngaphandle kwenkantolo. UZuma uboshwa nje ubesanda kudedelwa ngebheyili ecaleni lokusocongwa kukandunankulu wesizwe sakhe, uMnuz Qalokunye Zuma.

AbakwaZuma, okubalwa kubo nelungu leMK esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Thobani Zuma, bebekhona enkantolo bezokweseka uZuma.

UZuma uhlobene nomholi weMK, uJacob Zuma.