OWAYEYIKHANSELA le-DA, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, owabulawa ngasekupheleni kuka-2023
Image: Sithunyelwe
KUBOSHWE nenkosi ecaleni lokubulawa kowayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
Le nkosi eneminyaka engu-56, iboshwe yithimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, izolo.
Le nkosi, igama layo elingeke lidalulwe kuze kuba ivela enkantolo, iboshwe kanye nomunye umsolwa oneminyaka engu-26.
UNdlovu, owayenguSotswebhu omkhulu emkhandlwini, wadutshulwa wafa phambi komndeni wakhe ngo-2023.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe laba basolwa ababili baba ingxenye yokuhlelwa kwetulo lokusoconga uNdlovu.
"Laba basolwa bazovela eNkantolo yeMantshi eHowick, ngoLwesine (namhlanje). Bazobhekana namacala okuhlela ukubulala, elokubulala nelokutholaka nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni."
UBrigadier Mathe uthe umsolwa oboshwe nenkosi walihlela esejele itulo lokusoconga uNdlovu.
UNdlovu kukholakala ukuthi wabulawelwa ukulwa nokuntshwa kwempahla kagesi yomkhandlu waseMngeni.
Le mpahla kagesi okukhona kuyo nama-transformer okuthiwa yayintshontshwa kwamasipala bese iyodayiselwa amalungu omphakathi anenkinga kagesi.
Ukuboshwa kwabasolwa ababili kusho ukuthi sebebane abasolwa ababhekene necala lokubulala uNdlovu.
Abasolwa abasezikhindini ngaleli cala yiNduna yakwaNxamalala, uZwelithini Buthelezi noMnuz Thobane Masobho Hlongwa, owaboshwa kuqala.
UBrigadier Mathe uthe inkosi nomsolwa eboshwe naye bazojoyina laba abanye abasolwa ababoshwa kuqala.
Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, ukushayele ihlombe ukuboshwa kwabasolwa.
URodgers uthe bazokube bephume ngobuningi babo enkantolo ukuyokweseka umndeni kaNdlovu.
"Sinxusa amaphoyisa kanye nenhlangano yezokushushisa (iNational Prosecuting Authority) ukuba baqinisekise ukuthi leli cala liqulwa ngokushesha. Sifuna ukuthi abantu abathinteka kuleli cala bathole isigwebo esibafanele."
Amalungu e-DA avamise ukubhikisha ngaphandle kwenkantolo uma kuvele abasolwa kuleli cala.
Related Topics: