AHLUKENE phakathi amaqembu asesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngodaba lokuvinjwa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho ekutheni bathole usizo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.
Image: March and March/Facebook
AHLUKENE phakathi amaqembu asesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngodaba lokuvinjwa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho ekutheni bathole usizo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.
Amanye amaqembu akhombise ukweseka abavimba abokufika ezikhungweni zempilo, kanti amanye asigxekile lesi senzo.
I-MK ithe isabelomali somnyango sika-R56 billion kasanele ngenxa yokuthi umnyango ubuye unikeze mahhala usizo lwezempilo ebantwini bokufika abakuleli ngokungemthetho.
Ilungu leMK, uMnuz Mphikeleli Mthethwa, lithe abantu bokufika kufanele bakhokhe uma besebenzisa izikhungo zezempilo zikahulumeni.
"Isabelomali asichazi ukuthi malini eyabelwe izintandokazi zikamphathiswa, okungabantu bokufika abasebenzisa izibhedlela zethu. Iyaqala le nto eyenzeka lana ukuthi abantu abakuleli ngokungemthetho bathole usizo lwezempilo lwamahhala.
"Akufanele silokhu sincenga abantu abakuleli ngokungemthetho. Akukho okuphambene nomthetho kule nto eyenzekayo yokuvinjwa kwabantu abakuleli ngokungemthetho e-Addington. Kwamanye amazwe abantu bokufika bayalukhokhela usizo lwezempilo."
Ilungu le-IFP, uDkt Andile Biyela, lithe ukwanda kwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho abasebenzisa izibhedlela kuthwalisa kanzima umnyango.
"Siyazi ukuthi umthetho uthi wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo lwezempilo. Ngabe lo mthetho ubala nalabo abakuleli ngokungemthetho? Iqiniso ukuthi ukwanda kwabokufika abasebenzisa izikhungo zezempilo kwenza ukuthi kushode imithi, kwenza nokuthi abasebenzi bezempilo bathwale kanzima."
Ilungu leDA, uDkt Imran Keeka, lithe kuphambene nomthetho ukuvinjwa kwabokufika.
UKeeka uthe naye unqatsheliwe ukungena esibhedlela ngenxa yokuthi wenqabe ukuveza umazisi wakhe kulabo abavimbe esangweni esibhedlela i-Addington.
"Laba bantu kabagunyaziwe ukuba babheke abantu abangenayo esibhedlela. Ngiye emaphoyiseni kodwa amaphoyisa awazange angilekelele. Athe into angayenza ukuthi angingenise esibhedlela ngeveni lawo. Into engiyibuzile ukuthi kuzokwenzakalani ngalaba abanye abavinjwayo? Mphathiswa kufanele silusukumele lolu daba."
UMphathiswa woMnyango wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane, uthe kuphambene nomthetho ukuvinjwa kwabokufika, wathi akusikhona ukuthi bavikela abantu abakuleli ngokungemthetho kodwa wathi balandela umthetho.
Related Topics: